MAGAYE CELE

LOYO ongumlolongi weqembu lebhola likanobhutshuzwayo lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima esigabeni esiphezulu sebhola laseNingizimu Afrika,iDSTV Premiership uncoma ikhono lomdlali waleli qembu osezakhele ugazi..

UJohn Maduka ololonga iRoyal Am nguyena obabaza ikhono lomdlali wakhe u-Ayanda Jiyane.

Lo mdlali onconywa kangaka usamncane njengoba eneminyaka engu-21 nje kuphela.

UMaduka uthi ukholwa ukuthi uJiyane angafinyelela kwelinye izinga uma eqhubeka nokudlala ngale ndlela.

“Iyancomeka kakhulu indlela abonakala enza ngayo lo mdlali. Ngikholwa ukuthi eminyakeni emihlanu noma eyishumi ezayo kukude lapho azofinyelela khona,” usho kanje

UMaduka uncome kakhulu ikhono lalo mdlali ikakhulukazi uma eshoshela phambili.

Umjiko wakhe okhangayo futhi osheshayo uthe yiwona kanye omenza ehluke kakhulu kwabanye abadlali.

Ugcizelele ukuthi lo mdlali angabonakala ehamba ibanga elide kakhulu ebholeni likanobhutshuzwqayo laseNingizimu Afrika inqobo nje uma ezoqhubeka adlale ngokuzikhandla nangokuzimisela njengoba ebonakala enza nje.

Uthe ngokwakhe ukuphumelela komdlali webhola lezinyawo eNingizimu Afrika kuncika kakhulu ekutheni uziphethe kanjani ngaphakathi kanjalo nangaphandle kwayo inkundla.

Wathi kodwa akanalo noluncane nje uvalo uma kukhulunywa ngekusasa elingcono neliqhakazile lalo mdlali.

Ubabaze ukuhlonipha kwakhe wathi nakho kuzodala ukuthi kube lula ukusebenzisana naye agcine esephumelela ukuya nasemaqenjini amakhulu.

UJiyane ubalwa nabanye babadlali abancane beRoyal Am abanekhono elihle kakhulu.

Leli qembu laKwaZulu Natal liphethwe ngusomabhizinisi owaziwayo waseThekwini uShaun Mkhize odume kakhulu ngelikaMamkhize.