MAGAYE CELE

INGWAZI yebhola lomnqakiswano yaseNingizimu Afrika seyiqokelwe ekutheni ibe ngumlolongi weqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano labangaphansi kweminyaka engu-21.

Ingwazi okukhulunywa ngayo lapha nguPreciouse Mthembu ngokuzalwa ongowasesiFundazweni saKwaZulu Natal.

UMthembu uqokelwe kulesi sikhundla yinhlangano eyengamele ibhola lomnqakiswano kuleli iNetball South Africa.

UMthembu owadlala imidlalo engu-97 eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika uthathe umhlalaphansi ngonyaka ka-2022.

Ngaphambilini futhi uke wabonakala eyingxenye yeqembu lebhola lomnqakiswano lasesiFundazweni saKwaZulu Natal elibizwa ngokuthi yiKingdom Stars.

Ngaphambi kwalokho uke wadlalela iGilbert Stars eyayigijima kwisigaba esibizwa ngokuthi yiKwaZulu Natal Netball Super League.

Le ngwazi ithi izimisele ngokuthi yenze kahle kakhulu kulesi sikhundla esisha eqokelwe kusona.

Echaza ngalokhu uMthembu uthe:”Ngizimisele ngokuthi ngenze konke okusemandleni ami ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi libonakala likhula iqembu engiqokelwe ukulilolonga. Ngifuna ukuthi abadlali bami benze kahle ngaso sonke isikhathi.”

Uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi baba yingxenye yemidlalo yeNetball World Youth Cup 2025 ezokube iseGibraltar.

Uthe iqembu ukuze ngaso sonke isikhathi lizobonakala lidlondlobala kakhulu kumqoka ukuba lingasali ngaphandle njalo uma kukhona imiqhudelwane emikhulu eqhubekayo kwamanye amazwe.

Uthe akanakho nje nokuncane ukungabaza lokhu ukuthi iNingizimu Afrika inalo uhlobo lwabadlali bebhola lomnqakiswanio abaseqophelweni eliphezulu okuzoba lula ukuba bathathe izwe balibeke ebalazweni.

Unxuse ukuthi kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwabadlali, nethimba labaqeqeshi baleli qembu.