MAGAYE CELE

ISILO Samabandla, uMisizulu kaZwelithini sikhuza isihlava esimbi esibonakala sisabalala kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

ONgangezwe Lakhe ukhuze lesi sihlava ngesikhathi ekhuluma emcimbini obukade uqhubeka eKing Zwelithini Stadium, eMlaza eningizimu yeTheku.

ISilo uMisizulu kaZwelithini sithe kuyinto okumele kuliwe nayo manje le yokuhlukunyezwa kwabantu basifazane kusona sonke isiFundazweni saKwaZulu Natal.

ISilo sithi kuyadumaza kakhulu ukubona abantu besifazane behlezi lubhojozi ngenxa yokuhlukumezeka abakutholayo ngezindlela ezahlukene.

Sikholwa ukuthi kukhona okungenziwa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lesi simo siyaphela nje nya esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Sichaza iSilo sithe: “Ngithi angithathe leli thuba ngikhuze umhlola omubi kangaka obonakala uhlasela sonke isizwe sikababa sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Lesi yisimo esimbi kakhulu okumele kuliwe naso ngoba uma singanqandwa sizogcina sesiphenduke inkinga enkulu.’’

UMisuzulu kaZwelithini uthe kuyohlale njalo kuyinto ekhathazayo ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

UNgangezwe Lakhe uthe uma amadoda engase aqale aziphathe kahle kungalula nokuthi ke kuhlalwe phansi kubhungwe ngendaba yokuthi kwehliswe ukubiza kwezinkomo zamalobolo.

Echaza ngalokhu uNgangezwe Lakhe uthe: “Uma amadoda angase ayeke ukuhlukumeza abantu besifazane ngikholwa ukuthi kungaba lula nje futhi kakhulu ukuthi kuhlalwe phansi kuboniswane ngokuthi yini engenziwa ngendaba yamalobolo. Kodwa uma kusenje akulula nje nhlobo.

ISilo sinxuse izinhlaka ezahlukene ukuthi zingenelele ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu besifazane baKwaZulu Natal baphila impilo ngaphandle kokwesaba.