MAGAYE CELE

BAZOFUNELWA ezinye izindawo ezingcono zokuhlala abantu baseCato Crest abazithole bekhahlamezeka ngemuva kwezimvula zakamuva ezishiywe kukhalwa kakhulu kule ndawo.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguSomlomo woMkhandlu weTheku, uMnuz Thabani Nyawose ngesikhathi ekhuluma kabanzi ngodaba lokulekelelwa kwemindeni eyehlukene ebonakale ikhahlanyezwa yizimvula zakamuva nje.

UMnuz uNyawose uthe kuyinto emqoka kakhulu ukuthi bona njengoMkhandlu weTheku babonakale bebhukula kuba khona abakwenzayo ngenhloso yokulekelela izisulu zalezi zikhukhula zakamuva.

UNyawose uveze ukuthi njengoMkhandlu weTheku bazimisele ngokuthi kube khona abakwenzayo ngenhloso yokusiza laba bantu.

Echaza ngalokhu uNyawose uthe: “Kumqoka ukuthi laba bantu bathole ukusizakala ngoba lokho kuyinto nathi njengoMkhandlu esiyibeke eqhulwini. Siyathembisa ukuthi nakanjani bazokuthola ukusizakala bonke laba bantu abazithole bekhahlamezeka.’’

UNyawose uthi kuyinto emqoka ukuthi laba bantu batholelwe ezinye izindawo ezingcono zokuhlala.

“Laba bantu okuseqhulwini kunayo yonke into ukuthi sibakhele endaweni engcono kakhulu ikakhulukazi uma iqhathaniswa nale abakhe kuyona ngaphambilini,’’usho kanjena.

Noma ekhuluma kakhulu ngosizo uNyawose udalule ukuthi njengoMkhandlu weTheku bazoqala manje bafuqe umbhidlango wokuxwayisa abantu ngokwakha ezindaweni ezingafanele.

Uthe ukufundiswa kwabantu ngezindawo abangahlala kuzona ezifanelekile kungadala umehluko omkhulu kwikhathini esizayo uma kwenzeka kuhlasela izikhukhula.

UNyawose uthe ziningi kakhulu ezinye izindawo ezibonakale zikhahlamezeka ngenxa yalezi zikhukhulu zakamuva ebezikade zihambisana nesiphepho ebesinamandla.

Phakathi kwalezo zindawo kubalwa lezi ezilandelayo, yiseNanda, eFolweni, ePhoenix, eNtuzuma nakwezinye izindawo.