LOYO onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esiFundazweni saKwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uphosela abesimame inselelo bakulesi siFundazwe yokuba babhukule banqobe zonke izingqinamba ezibonakala ziphazamisa inhlalonhle yabo.

Ngokusho kukaNkk Khoza kuyinto emqoka kakhulu ukuthi abantu besimame bonke basesiFundazweni saKwaZulu Natal babonakale bebumbana ngenhloso yokulwa nanoma yisiphi isihlava esingesihle esibakhinyabezayo.

Eqhulwini uNgqongqoshe, uNkk Khoza ukhulume ngengwadla yokubulawa kwabantu besimame kanye nezingane ezincane.

UNkk Khoza uthe ukholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi omama bakulesi siFundazwe basukume bame ngezinyawo ngenhloso yokubhekana nje ngqo nalesi sihlava athe sibonakala sigubazele isiFundazwe sonke saKwaZulu Natal.

Echaza ngalokhu uNkk Khoza uthe: “Sesifikile manje isikhathi sokuthi abantu besimame basesiFundazweni saKwaZulu Natal bobonakale bema ngezinyawo. Kumele balwe nakho konke okubonakala kuma endleleni yabo. Lokhu angingabazi nje nakancane ukuthi abantu besifazane bakulesi siFundazwe bangakwazi ukuthi bakwenze ngaphandle kwenkinga.’’

Eqhuba uNkk Khoza ukhuthaze abesimame bakulesi siFundazwe ukuba bazijwayeze ukuthi babe nobudlwane obuhle futhi obuqinile nabantwana babo ikakhulukazi labo bamamtombazane.

Lokhu uNgqongqoshe uKhoza uthe kungadala ukuthi kube khona izinto eziningi ezingezinhle ezigwemekayo.

Uchaze ubudlwane bukamama nendodakazi yakhe njengento emqoka kakhulu nokumele ikhuthazwe kubona bonke abantu besifazane basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

“Lobu ubudlwane obumqoka futhi obudala ukuthi kube kuningi okuhle okuvelayo ekhaya,’’ usho kanjena.’

Ukhulume nangokubakuleka kokuba omama benze isiqiniseko sokuthi abantwana babo abahlaselwa yidimoni lezidakamizwa.