MAGAYE CELE

UKHUTHAZA ukuhlonishwa kwabaqeqeshi bamaqembu agijima esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo saseNingizimu Afrika, seDSTV Premiership, omunye wabadlali beqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Umdlali okhuthaza kakhulu lokhu ngoweRoyal Am kaShaun Mkhize, uSiphesihle Msomi oneminyaka yobudala engu-24 futhi odume kakhulu ngesiteketiso sakhe sikaMngwengwe.

Lo mdlali usephenduke omunye wabadlali osengumgogodla omkhulu waleli qembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal elilolongwa nguJohn Maduka obalwa nabanye babalolongi asebemkantshubovu.

Lo mdlali uthi ayikho into emqoka ngaphezulu kokuba umdlali ngamunye odlala kulesi sigaba enze isiqiniseko esikhulu sokuthi uyamhlonipha umqeqeshi wakhe.

Echaza ngalokhu uSiphesihle Msomi uthe: “Mina ngikholwa ukuthi uma ungumdlali webhola likanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika kumele wazi ukuthi ufunani empilweni yakho. Okokuqala okumele ukwenze nje ngokubona kwami ukuhlonipha umqeqeshi wakho onaye eqenjini olidlalelayo.’’

Lo mdlali uthi isifiso sakhe esikhulu njengamanje ukuthi ngelinye ilanga azibone esedlubhe ijezi lelinye lamaqembu amakhulu agijima eNgilandi.

Uthi lokhu ukholwa ukuthi kungenzeka inqobo nje uma ezoqhubeka nokuthi adlale ngokukhulu ukuzimisela lokhu ngaso sonke isikhathi.

Echaza ngesifiso sakhe sokuyodlala phesheya uthe: “Ukukhuluma iqiniso nje mina okusenhliziyweni yami ukuthi ngelinye ilanga ngizibone sengigijima eNgilandi.’’

Iqembu lakhe alidlalelayo ligabe nangabadlali beqophelo eliphezulu abanenqwaba yesipiliyoni. 

Phakathi kwabo kubalwa u-Ellias Pelembe ngaphambili owake wadlubha ijezi iqembu lezingqungqulu zasePitoli, iMamelodi Sundowns ebonakala igila izimanga ngaphansi kobuholi bukaRhurani Mokoena.