Izolo ngomhlaka 19 August 2025, emahhovisi kamasipala wesiFunda iLembe House kubanjwe umhlangano woMkhandlu we iLembe Aids Council uholwa uMeya woMkhandlu uKhansela Thobani Shandu.

Lomkhandlu noma lesisigungu sisekela isigungu i- Provincial Aids Council yesiFundazwe saKwaZulu-Natali kuze kufike ku South African National Aids Council (SANAC).

Lenhlangano iLembe Aids Council lakhiwa izinhlangano ezizimele ezahlukahlukene ezisuka emphakathini kanye neminyango kaHulumeni. Okuseqhulwini kakhulu okwenziwa yilesisigungu, ukuqenisekisa ukuthi zonke izinto eziphathelene nokunciphisa isifo sesandulela ngculazi ziyenzeka esifundeni iLembe ngokubambisana neminyango kaHulumeni.

IZINHLAKA ZABAKHAHLAMEZEKE / BHEBHETHEKE KAKHULU EZINYANGENI EZINTATHU EZEDLULE YILABA.

1.Abathelelekile ngesandulela ngculazi - 1198. 

2.Abantu abasokile behlile kakhulu - 1604. 

3.Izingane ezingaphansi kuka 15 ezithole izingane  - 7. 

4.Abantu abatheleleke ngesifo sofuba – 523.

5.Abantu besifazane kanye nezingane abahlukumezwe ngokocansi zinyukile – 168.

Ephawula usihlalo we Aids Council uMeya uKhansela, Thobani Shandu, ukhale kakhulu ngezinga elinyuka kakhulu esiFundeni iLembe lesifo sengculazi, ukuhlukunyezwa kwezingane kanye nabantu besifazane kanye nokuyeka esikoleni kwezingane zamantombazane ezisencane. “Sonke sizimeya ezingaphansi kweLembe sisemkhankasweni wokunciphisa izinga lesandulela ngculazi esifundeni iLembe” Khansela Shandu.

UMeya uphinde wamema udlulise isimemo somphakathi ukuthi uphume ngobuningi bawo emkhankasweni wokuqwashisa ngesandulela ngculazi ozobe ubanjelwe eMfolozi Tvet College Chief Albert Luthuli Campas-
21 August 2025 ngo
10:00.