UNdunankulu wesifundazwe KwaZulu-Natali uMnz Thani Ntuli kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane babe nomhlangano esibhedlela iDr Pixley Ka Isaka Seme ukudingida ngezindaba ezithinta uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali.
Kulomhlangano bekukhona bonke abaholi bezeMpilo bezifunda kanye nabaphathi bezibhedlela nemitholampilo.
Inhloso yalomhlangano bekuwukuzobhunga ngezingqinamba ezibhekene nezempilo, kuhlanganisa izinsiza, imali kanye nokuqashwa kwabasebenzi bezeMpilo.
Abaphathi bezikhungo ezahlukahlukene ngokwamazinga azo banikiwe ithuba lokuphefumula. Nabo balubikile usizi lwabo kubantu abadala zadingidwa izinqinamba kodwa kwagxilwa kakhulu ezixazululweni.
Ngesikhathi ekhuluma uNdunankulu ukuqinisekisile ukuthi yize noma kungenele kodwa isiFundazwe saKwaZulu-Natali sesikwazile ukuthola imali emva kokuxoxisana neminyanga ehlukahlukene ngokuholwa uMnyango kaMngcinimafa ezokwazi ukulekelela umnyango ikakhulakazi ekuqashweni kwabasebenzi.
Abaholi babancome kakhulu abasebenzi ngomsebenzi omuhle owenziwa izisebenzi zomnyango wezempilo ngaphansi kwezimo ezibucayi ababhekana nazo usuku nosuku ngenxa yezinqinamba ezingaphezulu kwabo iningi lazo isikhathi ezibangwa ukushoda kwezimali.
Kubaluliwe kakhulu ukuhlanzeka kwesikhungo obekubanjelwe kuso umhlangano kwaqguqguzelwa naphathi bezinye izikhungo ukuthi basike iphethini.
“Ngingena kulesi sibhedlela ngikhangwe ubuhle obukhona nenhlanzeko. Bakwethu angikusho ukuthi uMnyango wezeMpilo ungeminye yeminyango emqoka kakhulu. Ngakho kudingeka abasebenzi abanele. Sesikwazile ukukhuluma nomgcini mafa ukuthi asilekelele sikwazi ukusiza uMnyango wezeMpilo. Sesikwazile ukuthola imali engango R160 million wama Randi” kusho uNtuli.
Abaholi babalalele ngokukhulu ukucophelela abaphathi bezikhungo. Base bekhunjuzwa ngobumqoka bokuthi babe yinxenye yokonga imali ngokusemandleni kubanjiswane ekubopheni isifociya uma kusetshenziswa izimali.
Bakhunjuzwa nokubaluleka kokuthi kuhlinzekwe ngendlela izakhamuzi zakwaKwaZulu-Natali ngezinhlelo nezinsiza zezempilo.
UNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane ugqugquzele abaphathi ukuthi baqhubeke nokuhlinzeka izakhamuzi zesifundazwe izinsiza zezempilo ngothando nangenhlonipho.
Wabakhumbuza ukuthi babe yinxenye yokuthi umnyango usebenzise imali owabelwe yona ngendlela efanele. “Njengoba uMnyango ubhekene nenkinga yezimali kubalulekile ukuthi imali siyisebenzise ngendlela efanele. Asisibophe ngempela isifociya.”
Kuphinde kwagqugquzelwa abasebenzi ukuba bakhumbule isiko loMnyango. Nokuthi banakekele abasebenzi ngesizotha nangenhlonipho.
Abaphathi bezikhungo (CEOs) baphume benentshisekelo yokwenza nakancono.
