MAGAYE CELE

UXHAXHA lwezinkinga olugubazele imindeni yabantu abaMnyama olubangelwa yinkinga yombango wamafa sekuholele ekutheni, uqweqwe lommeli lukhethe ukubhala incwadi emayelana nale nkiyankiya.

Isihloko sencwadi ebhalwe ngu-Advocate Bhekinkosi Nkosi (52) sithi: “Amafa Nomthetho.”

U-Advocate uNkosi uthe inhloso ukuvula amehlo abantu abamnyama athe yibona abajwayele ukuba nezinkinga ezibangelwa ukwabiwa kwamafa. Kule ncwadi kunezihloko ahlube udlubu ekhasini ngazo.

Uqale wakhuluma ngamabhange. “Amabhange ayakufihla ukuthi uma ifa labiwa nawo aba nesabelo esithile semali. Awakuvezi lokho, akuveza kuphela uma sekuyisikhathi sokwabiwa kwalo ifa,’’ echaza. 

Ukhulume nangakubize ngeRevocation of Will. “Lapha umnikazi wefa usuke ecisha ifa alidala, ebese eseqala phansi ebhala elisha ngendlela efiswa nguyena,’’kuchaza u-Advocate Nkosi. 

Ukhulume nangenkinga athe isiphenduke insakavukela emndenini yabantu abaningi. Lokhu uthe ukubhaliswa kwendlu eyifa maqede umnikazi wayo ayibize ngokuthi yiFamily House.

 “Angeke uthi indlu uyishiyela umndeni. Kusho ukuthi phela kuzoba khona abantu abazohlala kuyona kodwa bangakhokheli ngisho ugesi lo. Phela nguwena nje obanikeze ilungelo,” echaza.

Uveze ukuthi umbiko wokuhlahlwa kwefa kuyenzeka uphazanyiswe yizingane zangaphandle kumbe ke ugcine uphazanyiswa ngabathile abanobufakazi bokuthi umufi ushone ebakweleta. 

Laba bantu uthe banelungelo  lokuphonsa inselelo kuMaster of High Court yokuba akuqale phansi ukwabiwa kwefa, ukuze nabo bezoba nesabelo esithile.

U-Advocate Nkosi uzalelwe eMshwathi, wakhulela eHammarsdale. Ufunde eNgede Primary School. Wadlulela eSibukosezwe High School, ngaphambi kokuba ayokwenza umatric ePholela Secondary School, eBulwer. Wenze iziqu zomthetho e-University of Zululand, nokho wagcina eshiya phakathi ngenxa yezinkinga zodlame olwabe ludla lubi ngaleso sikhathi.