Magaye Cele 
Loyo oyiMeya yoMkhandlu weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda wedlulisele ngokusemthethweni umtholampilo kaMasipala kumalungu omphakathi wasendaweni yase
Quarry Height kuward 11.

Lo mtholampilo ozobhekela kakhulu abantu abasha bakule ndawo yaseQuarry Height uzobonakala usebenza kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesine njalo phakathi nezinsuku.

Lo mtholampilo woMkhandlu weTheku kuthiwa nakanjani uzodala ukuthi kube lula kakhulu ukulekelela abantu bakule ndawo uma kukhulunywa ngezempilo.

Ngaphambilini kuthiwa umphakathi wakule ndawo ubukade ubhekene nengwadla njengoba kuvela ukuthi bekuze kudingeke ukuba uhambe amabanga amade kakhulu uma ufuna ukuthola izikhungo zezempilo.

Ngaphandle kwezidingo ezimqoka kakhulu zezempilo ezizotholakala ngaphakathi kulo mtholampilo kaMasipala abeTb HIV Care nabo bazobonakala besebenzisana kakhulu noMasipala ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lo mtholampilo abantu abeza kuwona bathola usizo olusemgangathweni nolufanekekile. 

Le nhlangano izophinde inikezele ngosizo olumqoka kumawar room angu-29, imitholampilo, ukulungiswa kabusha kwabo nokunye okuningi okubalwa phakathi kwakho amaphilisi,imishini yokuphrinta namafenisha.

uKhansela uKaunda ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kwezikhungo zezeMpilo kuzona zonke izindawo ezahlukene ezakhelene nedolobha iTheku.

Uthe kuyajabulisa kakhulu ukubona izinhlelo ezinhle zalolu hlobo zithela izithelo.

Amalungu omphakathi wakule ndawo nawo abebonakala ekujabulela kakhulu ukwethulwa kwalo mtholampilo.