MAGAYE CELE

LOYO oyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika yonkana, uDkt David Masondo ngokubambisana noNkk Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe eMnyangweni wezokugcinwakwamafa esiFundazweni saKwaZulu Natal bawuvale ngegiya eliphezulu umkhankaso obalulekile wokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane phecelezi 16 Days of Activism for No Violence against Women and Children.

Lo mkhankaso bawuvale behambele endaweni yaseNdwedwe enyakatho yeTheku.Bebekade bekuWard 12 enkundleni yezemidlalo ebizwa ngokuthi yiseMgezengwane Sports Field.

Bobabili laba phathiswa bebekhashwe amalungu ePhalamende okunguMnuz Sibusiso Mdabe, uSihlalo weNdlu yoMdabu ngaphansi kwesiFunda seLembe, iNkosi uBhengu, ilungu lekomiti kwisiFunda iLembe, uKhansela Hlengiwe Makhatha, yiMeya yaseNdwedwe, uKhansela Sam Mfeka kanye naloyo onguSomlomo wakhona eNdwedwe, uKhansela uMduduzi Cele.

UMakhatha osekomotini lezokuthuthukiswa kwezomnotho nguyena okhulume egameni leMeya yesiFunda iLembe.

Umongo wenkulumo yakhe uMakhatha ibikade imayelana nokubaluleka kokuvikelwa kwabantu besifazane kanye nezingane ezincane.

UMakhatha unxuse ukuthi kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane wathi kumqoka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokunqanda lesi simo.

Echaza uMakhatha uthe: “Kungumsebenzi wabo bonke abantu ukuqinisekisa ukuthi kabahlukunyezwa abantu besifazane kanye nezingane. Thina njengohulumeni wasesiFundazweni saKwaZulu Natal angeke size sazi ukuthi kwenzakalani emakhaya ngalinye. Kumqoka kakhulu nanokuthi uma kukhona okubikwayo kube ukuthi kunobufakazi obuphathekayo mayelana nalokho.

UNkk Nkonyeni enkulumeni yakhe uveze ukuthi uma kukhulunywa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane bayabalwa nalabo bantu besifazane abaphila nokukhubazeka okuhlukahlukene.

UNkonyeni uthe kumqoka kakhulu ukuthi kuphele nje nya ukuhlukunyezwa kukanoma ngubani. “Angeke size sikubekezelele nje nhlobo ukuthi siqhubeke siphile nabantu besifazane abaphila nokuhlukumezeka,’’kuchaza uNkonyeni.

UMphathiswa uDkt Masondo uthe kumqoka kakhulu ukuthi abantu besifazane banikezwe ithuba uma kukhulunywa ngamathuba okukhula kwezomnotho.