SECHABA MAKORO

USOMLOMO wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNkk Ntobeko Boyce uhlaba ikhwele ngokubambisana nawo wonke umuntu owakhele lesi sifundazwe ukuba ngamanxusa okulwa nodlame lwezobulili oludla lumbi eNingizimu Afrika.

UNkk Boyce ubekhuluma ngeledlule esemahhovisini esiShayamthetho enhlokodolobha yesifundazwe eMgungundlovu kade kuvulwa umkhankaso wezinsuku eziwu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Kulomkhankaso kukhuthazwe nokuvikelwa kwabantu abathandana nabanobulili obufana nobabo okuvela ukuthi iningi labo liyizisulu zokuhlukunyezwa ngenxa yokuziveza ukuthi baphila impilo yokuthandana nabanobulili obufana nobabo. 

Abebephambili kulomkhankaso ngosonhlakahle abangaphansi kweLife Line njengoba bedlulise incwadi yohlu lwezikhalo zabo kuhulumeni waKwaZulu-Natal ngabafisa abalekelele ngakho emsebenzini wabo wokuvikela izisulu zodlame lwezobulili nolwasemdenini nalo okuthiwa lukhula ngamandla eNingizimu Afrika. 

UNkk Sinikiwe Biyela owumqondisi weLife Line eMidlands Region odlulise incwadi yabo kuNkk Boyce uthe sebebekezele kwanele ngokulindiswa isikhathi eside imiphumela yolibofuzo yamacala okudlwengula abawasebenzayo okugcina kubuye okungesiyona ekhipha phambili abasolwa. Uthe bakholwa ukuthi ukube imiphumela yolibofuzo lokudlwengula isheshe iphume njengeyokuqinisekisa umzali wengane ngabe udlame oluyamene nobulili yinto ekhulunyelwa kude KwaZulu-Natal. “Kuningi esikhala ngakho esifuna uhulumeni angenelele ekusilekeleleni emacaleni okudlwengula okuyiwona esiwasebenza kakhulu. Kunamacala okudlwengula awu-215 000 esiwalandelayo esifundazweni kodwa esinovalo lokuthi hleze ashabalale ngoba amanye aseneminyaka eminingi abikwa nemiphumela yolibofuzo kayibuyi. Siye sibone abasolwa ngokudlwengula sebededelwe ngebheyili kungazange kuxhunyanwe nomgilwa atshelwe izizathu eziholele ekunikezweni ibheyili komuntu omgilile. Kuyasiphoxa nokuzwa ukuthi lomuntu obeboshiwe usefike wenza elinye icala elifanayo nabeboshelwe lona. Sifuna uhulumeni asilekelele abuyekeze ezinye izigatshana zemithetho yamacala okudlwengula ngokusebenzisana nathi esiseduzane nabagilwa ngoba bayahlukemezeka abanye bagcine sebefuna nokuzibulala besaba ukuphila emphakathini nabantu ababagilayo,” kusho yena.

UNkk Boyce ephendula kokuphakanyiswa ngabeLife Line uncome ukuzikhandla kwabo ekuvikeleni izisulu lokho okunikeza ithemba nakubatshalizimali ngokubona abantu bevikelwe. Uthe bazivulile izandla ekusebenzisaneni nazo zonke izinhlangano ezizimele ezingenzi nzuzo ezizimisele ekuthuthukiseni iKwaZulu-Natal.