ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini

MAGAYE CELE

SIKHUZA umhlola wezingozi zasemgwaqeni,iSilo uMisizulu kaZwelithini sithi kukhona okumele kwenziwe ukuze kume lo mshophi wokufa kwabantu ezingozini zomgwaqo ezibonakala zigubazele isiFundazwe saKwaZulu Natal sonkana.

ISilo uMisizulu kaZwelithini sizwakalise ukukhathazeka kwaso ngezingozi zasemgwaqeni ngesikhathi sethulela isizwe inkulumo yaso emkhosini weLembe obukade uqhubeka eStanger High School, oGwini olusenyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal.

ISilo uMisizulu kaZwelithini sikhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi kamuva nje isiFundazwe saKwaZulu Natal sesilahlekelwe yinqwaba yemiphefumulo yabantu ngenxa yazo belu izingozi zasemgwaqeni.

Ingozi ebe sematheni nenyantisa igazi kube yile eyenzeke oPhongolo egcine idlule nemiphefumulo yabantu abangu-21 ebikade ibandakanya iloli elikhulu.

“Kuyishwa elikhulu ukuthi abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal bazithola bebhekene nenkinga yezingozi zasemgwaqeni ezibaqedayo. Impela lesi yisimo esingesihle nje impela. Mina ngikholwa ukuthi kukhona okumele kwenziwe ngenhloso yokunqanda lesi simo esingesihle nje impela,’’kukhala iSilo uMisizulu kaZwelithini.

Siqhuba iSilo sithe kumele kuhlanganiswe amakhanda kubonakale ukuthi yiliphi ikhambi okungaqhamukwa nalo ligcine libe yisisombululo sale ngwadla isiFundazwe saKwaZulu Natal esizithola sibhekene naso.

“Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngampela kanti soneni kangaka ukuthi sesingaze sehlelwe yizinto ezimbi kangaka KwaZulu Natal. Kodwa ngikholwa ukuthi lesi simo singalungiseka uma kukhona okuzokwenziwa ngaso,’’usho kanjena.

Siqhuba iSilo sithe sinxusa nemikhuleko yabo bonke abazalwane ukuze kuzobhuleka lolu laka. Uthe ukholwa ukuthi umkhuleko unamandla wokuqaqa nanoma yiluphi uhlobo lwenkinga ebonakala inzima ngaleso sikhathi.

Sithe nezidalwa kumelwe kushwelwezwe kuzona ukuze kuzolunga le nkinga.