SECHABA MAKORO

BAZIMISELE ngokusiphula izikhonkwane ezagqitshwa wuhulumeni wobandlululi abesigungu sebhodi elibheke ukusebenza kwesibhedlela sikahulumeni iNorthdale eMgungundlovu ngenhloso yokusenza sifane nezinye esezavuselelwa zaba sesimweni sokukwazi ukugculisa zonke izinhlanga.

Ubuholi balesi sibhedlela bukhala ngokusalela emuva kwezinsiza ezihlinzekwa iziguli nganxa yokuthi lesi sibhedlela kasithuthukisiwe okwenza kube sengathi kasiyikhuthalele impilo yabantu abalashwa kusona. 

Lobu buholi bebuhlele imbizo yomphakathi ngoLwesibili lomhlaka 13 kuSeptember ngenhloso yokuwuvulela inkundla ekubekeni imibono ezothuthukisa lesi sibhedlela esibalwa nezinkulu kweziseMgungundlovu kodwa esiyihlazo isimo sokubukeka kwaso. 

Kuvela ukuthi lesi sibhedlela phambilini besaziwa njensibheke ukusiza abomdabu waseNdiya njengoba siphakathi kwabo kodwa manje sesivuleleke kuwona wonke umuntu njengoba kunemitholampilo esezindaweni zabamnyama engena ngaphansi kwaso. 

UMnu Hlalani Zondi ongusihlalo webhodi nephini lakhe u-Adv Indhera Goberdhan ngoLwesibili bebenesithangami nabezindaba lapho bebechaza khona ngokubaluleka kwembizo abayihlelile ngokubambisana nabe-Government Communicathion Information System (GCIS) KwaZulu-Natal. Bathe ukuphuculwa kwalesi sibhedlela kakuncikile kubona bebodwa kodwa bayafisa ukwabelana nabantu okuyibona abasizakala kusona.

UMnu Zondi ukhale ngokungeneli kwemali abayihlinzekwa wuhulumeni engakwazi ukufeza zonke izidingo zesibhedlela ukuze naso sihlonipheke. Uqhathanise sabo nesaseHarry Gwala phambilini esasaziwa nge-Edendale Hospital ethi kazifani kakhulu njengoba esase-Edendale sesithuthukisiwe sabalwa nezihlonishwayo KwaZulu-Natal. “Kasibona o-Alpha no-Omega abangakwazi ukuthi baqale into bodwa bese beyiphetha bebodwa. Sibone sisikhulu isidingo sokubiza umphakathi onemitholampilo engaphansi kwesibhedlela saseNorthdale sizobonisana ukuthi singasenza kanjani sibhedlela sethu sifane nezinye. Isibhedlela sethu sisasebenza ngohlelo lukahulumeni omdala lokho okwenza zibe ningi izinkinga ezisikhungathayo ngoba kasithuthukisiwe sahambelana nesikhathi samanje. Le mbizo esizoba nayo kasiyenzanga ngemali kahulumeni siye sacela iminikelo ezinhlanganweni ezizimele nakosomabhizisini abakhele uMgungundlovu abanesifiso sokubona isibhedlela sabo sithuthukiswa. Kuzothi lokho okuphakanyiswe ngamalungu omphakathi sikuqophe bese sikudlulisela kuhulumeni wesifundazwe ngoba sikholwa ukuthi kuzobe kushiwo wumphakathi hhayi thina siyisigungu,” usho kanje.

UMnu Mlungisi Dlamini we-GCIS esifundeni saseMgungundlovu uthi bakubone kubalulekile ukubambisana nomphakathi ekuthuthukiseni indlela yokusebenza ezikhungweni zikahulumeni. Uthe ngokomthetho ngabantu okumele babekwe phambili balalelwe kulokho abafisa ukukubona ezikhungweni naseminyangweni kahulumeni ngoba konke kukhona ngenhloso yokusiza bona.