SECHABA MAKORO

ABE-DUBE Trade Port Mini Factories sebechome uphaphe legwalalagwala abe-Bakery Gallery South Africa okungababhaki abasebencane ngeminyaka yokuzalwa futhi abampisholo ngokuzijuba kwabo bengena kuleli bhizinisi lamakhekhe elingajwayelekile nokho endlini emnyama.

Laba bahlatshwe umxhwele ukubona leli bhizinisi likhula ngesivinini esinamandla lokho okwenza amakhekhe abo ahambe ngokushesha ezimakethe.

Leli bhizinisi kuthiwa ngendlela elenza kahle ngakhona sekulenze lahlonishwa kakhulu ezinhlakeni eziningi futhi lesekwa nawukuthi ngelabantu abamnyama abasebancane ngeminyaka. Kuthiwa ligqame kakhulu ngezikhathi zeCOVID-19 njengoba kuyilapho le ntsha iveze khona amakhono anawo kwezokubhaka.

Omunye obambe iqhaza e-Bakery Gallery South Afrika uSikhumbuzo Maphanga oyi-Executive Pastry Chef futhi ongumsunguli waleli bhizinisi lamakhekhe uthe leli bhizinisi labo liqale ukwaziwa ngo-2020 babethola ingqayizivele yokubhaka izinkwa, amakhekhe nokunye okuningi okwenziwa ngofulawa obekufakwa ezitolo zase-Spar KwaZulu-Natal. “Kuthe kuphela izinyanga eziwu-10 bese sifakela izitolo eziningi zase-Spar eziseThekwini. Kusezinhlelweni zethu ukuphumela nakwezinye izindawo ezakhele iKwaZulu-Natal sizifakele imikhiqizo yethu esiyenza ngofulawa. Sibonga ukwesekwa ngabe-Dube Trade Port Mini Factories. Sizimisele ukuthi singaphazanyiswa yisimo sokucishwa kukagesi njengoba sifuna ukuthola izinjini esizoqhubeka ngazo nokubhaka ngesikhathi ugesi unqamukile ukuze singaphoxi amakhasimende ethu,” kusho yena.

USikhumbuzo akasilona ivukane kwezokuxovwa kukafulawa njengoba aqala ngo-2013 ukuzihlanganisa naleli bhizinisi lamakhekhe esebenzela ekhaya ebhakela abantu abasuke befuna amakhekhe abahlala eMorning Side amanye ewathumelela e-International Conventional Centre (ICC) eThekwini.

Baningi asebezuze ulwazi lokubhaka ngaphansi kwesandla sikaSikhumbuzo okukhona phakathi kwabo nomfowabo uSiphesihle Maphanga noNtobeko Ndlovu asebeze bazuza neziqu kwezokuxovwa kukafulawa.