SECHABA MAKORO

OWEZOKUTHUTHUKISWA koMphakathi KwaZulu-Natal uhambele ubuholi bamaNazaretha aseBuhleni eNanda buyokhothama kubona bunxusa ukubambisana ngezindlela okungasetshenziswana ngazo naleli bandla ekulweni nalo lonke uhlobo lokuhlukunyezwa kwabantu okuvela ukuthi sekuze kwakapakela nakuyona lendawo yaseNanda.

UNkk Nonhlanhla Khoza ophathiswe lo mnyango uphelezelwe ngabanye besifazane phakathi kwabo obekugqame lowo owayeyimeya yaseThekwini uNkk Zandile Gumede kuhanjelwe loluhlangothi lwamaNazaretha aseBuhleni olungafuni kuzwa lutho ngokudeda esihlalweni komholi walo iNkosi Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe.

UNkk Khoza ubonge ukwamukelwa ngezandla ezifudumele eBuhleni nasekumlaleleni ezinhlelweni eza nazo ekubambisaneni naleli bandla ekubumbeni isizwe. Unxuse namanye amabandla ezenkolo ukubamba iqhaza asebenzisane nohulumeni ekugcineni inhlalakahle kubantu baKwaZulu-Natal. Uncome izingxoxo abe nazo noNyazilwezulu ethi zikhombisa ithemba lokuthi isifundazwe sizoba nozinzo nokuthula. Uthe uyakholwa ukuthi uma amadoda emabandleni ezenkolo engabambana mukhulu umsebenzi angawenza ekuvikelweni kwabesifazane nezingane odlameni lwezobulili.

Lokhu kuhambela eBuhleni kwaboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal kubusiswe nangubukhona beNkosi Mqoqi Ngcobo yesizwe samaQadi lapho kunekomkhulu khona laseBuhleni. Inkosi Ngcobo izibophezele phambi kwabomnyango ukuthi izosebenzisana nabo ekulweni nazo zonke izifo kanjalo nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane esizweni esiholayo.  

Ethula inkulumo uNkk Khoza uthe kuyamthokozisa ukusebenzisana nezinhlaka zomphakathi ukugcina inhlalakahle emphakathini. “Kusihlabe umxhwele ukuzibophezela kwebandla laseBuhleni ukusebenzisana nezinhlelo zethu siwuhulumeni wakwaZulu-Natal ukulwa nazo zonke izinto ezihlukumeza abantu kuze kudlulele nasekulweni nokuqedwa kodlame lwezobulili. Sibonga ibandla lakwaShembe ngokuzinikela ekulweleni ukuhlukunyezwa kwabesifazane lokho esikudinga nakwamanye amabandla ngoba sonke sisemkhankasweni ofanayo wokugcina inhlalakahle yabantu kungakhethile bulili, bala nasizwe,” kusho yena.

.