SECHABA MAKORO

UMSAKAZI weNanda 88.4 FM esakazela eMachobeni eNanda uthi kuyomthokozisa mhla kwabakhona izigcawu zokukhuliswa kwabafana kuyekwe ukubheka amantombazane kuphela ngoba isizwe sibunjwe ngubulili obuhlukene obungadingi ukuhlukaniswa uma sakhiwa.

Ubuza ukuthi uma kuyalwa amantombazane ngokuziphatha abafana bona bavalelelwani ngaphandle ngoba lamantombazane uma esekhulile azogana bona labantu abangafundisiwe ngokuphatha kahle imizi namakhosikazi awo.

Lowo nguSiya Seme osakaza i-Loxion Drive phakathi kuka-3 no 6 ntambama kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu. USiya ubekhuluma neSivubela Intuthuko ngalokho okumelwe wuhlelo lwakhe athi ukholwa ukuthi kumele luthi lithokozisa kodwa kube kungashiyiwe ngaphandle ukwakhiwa kwabantu njengendlela yokubumba isizwe.

Uthe ohlelweni lwakhe njengoba uJuly waziwa ngenyanga yamadoda bebenezigcawu ezahlukene lapho bebelanda khona ongoti bezocobelela ngezindlela zokukhuliswa komuntu ikakhulukazi wesilisa. Uthe ufunde lukhulu kwizihambeli zohlelo lwakhe wakubona ukubaluleka kokufundiswa komfana ukuziphatha kusukela esemncane ngoba lokho kuyamcija ukukwazi ukumelana nezinselelo azohlangabezana nazo uma esenomuzi. “Omunye owungoti engike ngahlangana naye ohlelweni uthe isizwe sikhulisa abantu besilisa abanamagqubu okumele ngabe balekelelwa ekukhuleni kwabo. Kubuhlungu okomfana okhule ebukela uyise ehlukumeza unina ngoba kuthi uma esekhulile lelo gqubu alikhiphele kubantu abangenzanga lutho. Siyadinga ukuphumela phandle silungise ingqondo yabafana bebancane ngoba kubukeka sengathi ukukhuliswa komuntu sikuyekelele emantombazaneni wodwa. Yebo sizowakhulisa amantombazane ngokuphatha kahle imizi bese inkinga ibe ukuthi labantu abaganayo kabaqeqeshiwe kugcine kwenzeka umonakalo. Uhulumeni kumele abe yisibonelo ngokuthi lomkhankaso wokuthi ‘Take a girl to work’ usabalale nakwabesilisa ukuze ulimi lwabo kuzoba ngolwakhayo. Abafana banegqubu elimbi bazibona beshiywe ngaphandle lokho okwenza ukuthi uma ehilizisana nomuntu wesifazane isandla sisheshe siphakame ngoba uzibona edelelwa,” kusho yena. 

Uqhube ngokuthi mhla kwathathelwa phezulu ukukhuliswa komfana iNingizimu Afrika iyophuma iphele odlameni lwezobulili ngoba iyobe seyinabantu abafundiswe ngokwanele ekuhlonipheni ilungelo lomunye umuntu. Ubasolile nabesilisa ngokugxila ekuyaleni ukuziphatha kahle emantombazaneni wodwa ngoba bebheke ukuthola okuthile uma eselotsholwa. Uthe eqinisweni ukuziphatha komuntu kakusikhona okomuntu wobulili obuthile kodwa kumele kufundiswe ngokulinganayo.