MAGAYE CELE

LOYO osanda kukhethwa njengoSihlalo omusha we-African National Congress (ANC) esiFundazweni saKwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma usenze isibophezelo sokuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bakulesi siFundazwe iyafinyelela kubona intuthuko bangagcini nje ngokuyizwa ngendaba.

UMnuz uDuma uthe kumele nakanjani abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal bangezwakali bebalisa ngokugqoza kwezidingo zabo. Uthe ubuholi obuqokiwe kufanele kube ubuholi obubonakala bubeka eqhulwini izidingo zabantu ngaso sonke isikhathi.

“Into okumele senze isiqiniseko esikhulu sokuthi iyenzeka futhi ngaphandle kwenkinga yile yezidingo zabantu. Ngiyazi ukuthi abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal bazolindela lukhulu njengoba sekunobuholi obusha nje basesiFundazweni. Ngakho ke kungumsebenzi wethu ukwenza isiqiniseko sokuthi kasibaphoxi abantu esibasebenzelayo,’’usho kanjena.

Eqhuba uMnuz uDuma uthe okunye abazokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi babhekana nakho nje ngqo ukulekelelwa kwabo bonke abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal abazithola bebhekene nengwadla yokuhlala emahholo selokhu imizi ababehlala kuyona yakhahlanyezwa yizikhukhulu ezagadla zaphindelela khona KwaZulu Natal.

“Baningi kakhulu abantu bakulesi siFundazwe saKwaZulu Natal okuyimanje basahlezi emahholo. Ngikholwa ukuthi kumele sonke sibhukele senze isiqiniseko esikhulu sokuthi laba bantu bayakuthola ukusizakala okuphuthumayo ngoba babalulekile njengabo bonke abantu abakhona esiFundazweni saKwaZulu Natal,’’usho kanjena.

UMnuz Duma uthe okumqoka kakhulu ukuthi bona njengobuholi obusha babonakale besebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ukuze kungeke kwenzeke ukuthi abantu bakulesi siFundazwe bagcine sebengasabathembi.Uthe ukholwa ukuthi nakanjani isiFundazwe saKwaZulu Natal singaba yindawo engcono kakhulu inqobo nje uma kuqinisekiswa indaba yokuphuthunyiswa ngokushesha kwezidingo zabantu abangamalunga omphakathi