SECHABA MAKORO

UBUHOLI be-African National Congress (ANC) eGeneral Gizenga Mpanza Region eMandeni buqaqanjelwa yinhliziyo ngokuwa kwenye yezinsika zaleli qembu uMnu Bheki Ndlovu wegatsha lase-Israel Maseko oshone ngemuva kokugula isikhathi eside.

I-ANC eGeneral Gizenga Mpanza Region income uMnu Ndlovu ngokuba yisishabasheki sokusebenzisana nentsha engaphansi kwalesi sifunda kusukela kwezimidlalo nasekuthuthukisweni kwayo imbala.

UNkz Thandeka Mkhize okhulumela i-ANC eGenaral Gizenga Mpanza Region uthe uMnu Ndlovu ushone ngeSonto emuva kokubambeka wukugula isikhathi eside. Uthe uMnu Ndlovu ubezimisele kakhulu ekulekeleleni intsha ukuze ifukuleke kungaba kwezemfundo nasekuthuthukisweni kwayo. Umtuse ngokuzikhandla engena lapho kuhlangene khona intsha enza ama-cluba evula nososeshini bezemidlalo eMandeni. “Ubengena wagamanxa ekufukuleni amathalente entsha futhi ebambe iqhaza elikhulu kwezimidlalo, ukungcebeleka nezemidlalo. Usebenze njengephoyisa lomgwaqo wabuye wadlulela ophikweni lwezokuqoqwa kwemfucuza ngaphansi kukaMasipala waseMandeni,” usho kanje.

UNkz Mkhize uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni ngokushona kukaMnu Ndlovu kwazise ziningi izinhlelo zentuthuko yomphakathi abezimbandakanye kuzona. Uthe amagalelo akhe enhlanganweni ayohlale ekhumbuleka nasenhlanganweni yabo kaKhongolose. Umcombe ngokuba nobuholi obuqotho futhi obuthembakele kwazise ubengalandelwa yiphunga elimbi ngemuva kwakhe.