UJOMO Sono

MAGAYE CELE

UJOMO Sono oyingwazi yebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika ophinde abe ngumlolongi weJomo Cosmos okuyiqembu alisungula uphosela inselelo abadlali bakuleli ngokuthi bahambe bayothola amakilabhu abangawadlalela phesheya kwezilwandle.

UJomo ngaphambilini oseke waba ngumlolongi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lebhola likanobhutshuzwayo, iBafana Bafana uthi ukholwa ukuthi mkhulu umehluko ongabonakala kwelesizwe uma kunganda abadlali abaningi abadlala phesheya kwezilwandle.

UJomo uthe kuyalisiza kakhulu iqembu lesizwe ukwanda kakhulu kwesibalo sabadlali bakuleli abadlala emaqenjini ehlukene aphesheya kwezilwandle.

Ngesikhathi eqeqesha iqembu lesizwe iBafana Bafana, uJomo Sono uthi naye wayegabe kakhulu ngabadlali ababekade beyibambe phesheya kwezilwandle.

Lokho uJomo Sono uthi akangabazi nje nakancane ukuthi kwakulisiza kakhulu iqembu lesizwe langaleso sikhathi.

“Ukwanda kwabadlali baseNingizimu Afrika abadlalela amaqembu ehlukene aphesheya kwezilwandle kuyinto emqoka kakhulu. Lokho kulekelela abadlali uqobo lwabo kungagcini lapho kuphinde kulekelele kakhulu nalo iqembu lesizwe iBafana Bafana,’’kuchaza uJomo Sono.

UJomo ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi iqembu lesizwe iBafana Bafana ilolongwa nguyena yayigabe ngabadlali baphesheya.

Phakathi kwabo kubalwa uBenny MCcarthy oke walolonga AmaZulu football Club okuyimanje ulolonga abagaldli beMachester United yaseNigilandi.

Abanye abadlali ababekhona abanye kubalwa uBrandley Carnely, Siyabonga “Bhele” Nomvethe, Ntuthuko Sibaya owayeyibamba kwiRubin Kazan yaseRussia, nabanye abaningi kakhulu.

UJomo Sono ubuye wakhuluma kakhulu ngokubaluleka kokuba kuthuthukiswe ibhola likanobhutshuzwayo emazingeni aphansi.

Uthe lokho yikhona kanye okuwumgogodla wokuphumelela kwebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika namaphethelo.