UThabiso Mchunu

MAGAYE CELE

ELINYE lamabhokisa aziwayo kakhulu nanogazi lasesiFundazweni saKwaZulu Natal, lithi lihlela ukuthi amagilavu liwaphanyeke emgibeni ngasokupheleni konyaka ozayo ka-2023.

Ibhokisa okukhulunywa ngalo lapha nguThabiso Mchunu oneminyaka yobudala engu-34 nowaziwa kakhulu ngesiteketiso sakhe sikaThe Rock.

Ngokokuzalwa leli bhokisa eselaziwa umhlaba wonke lingelakwaXimba khona KwaZulu Natal. Leli bhokisa eselike laphatha ibhande leWBC Silver kanye neleWBC International lithi lakuhlela kudala ukuthi uma selihlanganise iminyaka engu-35 liyoba selishenxa ekubeni ngumshayisibhakela okhokhelwayo.

“Ukukhuluma iqiniso nje lesi akusisona isinquma engisithatha manje kodwa ngasithatha ngisemncane ngisangena emkhakheni wesibhakela esikhokhelwayo. Ngazitshela ukuthi uma sengihlanganise iminyaka yobudala engu-35 ngiyobe sengithatha isinqumo sokuba ngiyeke isibhakela. Namanje ke lokho ngikhowa ukuthi akukaguquki ngisamile nje lapho,’’kuchaza uThabiso Mchunu.

Phakathi kwamanye amabhande aseke anqotshwa yileli bhokisa eselidume umhlaba wonke kubalwa lawa alandelayo. YiWBC Continental Americas, yiWBC Pan African, yi-ABU akazange agcine ngokunqoba lawo kuphele uke waba seringini elwela ibhande leWBO World nokho lona agcina engazange alinqobe.

Ukushaya kwakhe isibhakela esiqhwiza umentshisi uThe Rock kuvela ukuthi yikhona kanye okumenza abalwe nabanye babashayisibhakela abambalwa kakhulu abayibekile induku ebandla uma kukhulunywa ngomdlalo wesibhakela eNingizimu Afrika yonkana kanjalo nasezwenikazi lase-Afrika ngobubanzi bayo.

UThe Rock kwajabha abalandeli abaningi bomdlalo wesibhakela baseNingizimu Afrika ngesikhathi engqinyuzwa kabuhlungu ngu-Ilungu Makubu waseDemocratic Republic of Congo (DRC). 

Okwaletha ukujabha okukhulu kubathandi besibhakela baseNingizimu Afrika ukuthi leli bhokisa laseDRC lamngqimuza kwaze kwaba amahlandla amabili uThe Rock okuyinto abantu abaningi ababengakholwa ukuthi ingenzeka.