ULEHLONONO Majoro

MAGAYE CEELE

UMGADLI osemnkantshubovu weqembu laKwaZulu Natal, eligijima esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership, AmaZulu Fc, uthi ufuna ukuhamba ezinyathelweni zikaSiyabonga “Bhele” Nomvethe ngokuphuza ukuthatha umhlaphansi ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika.

Umgadli okukhulunywa ngaye lapha nguLehlonono Majoro obalwa nabanye babagadli beqophelo eliphezulu eNingizimu Afrika futhi osezakhele igama elikhulu uma kukhulunywa ngebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika.

UMajoro okuyimanje usehlanganise iminyaka engu-36 yobudala uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi nakanjani lesi sifiso sakhe sizobonakala sifezeka.

Echaza ngalokhu uLehlonono Majoro uthe: “Ngibukela kakhulu kuSiyabonga Bhele Nomvethe kuningi kakhulu futhi okuhle engakufunda kuyena. Ngikholwa ukuthi kuzoqhubeka nokuthi kungisebenzele nami njengoba ngifisa ukudlala isikhathi eside njengaye.”

UMajoro uthi uncela kogwansile ngokuba nomuntu ofana noSiyabonga Nomvethe eqenjini laMaZulu football Club.

“Ngesikhathi ngikhuluma naye uSiyabonga Nomvethe mayelana nokufisa kwami ukuthi ngihambe ezinyathelweni zakhe wabe esengicobelela ngezinto eziningi kakhulu engizibona zimqoka kakhulu kimina njengomdlali webhola likanobhutshuzwayo,’’kuchaza uMajoro.

Eqhuba uthe: “UNomvethe wangicobelela nangokuthi ukuze umdlali ehlale njalo esesimweni esikahle kuyadingeka ukuthi abuye azinikeze nesikhathi esanele sokuthi aphumule. Lokho nami ngiyakwenza ngoba ungifundisile ngakho.”

Maningi kakhulu amaqembu uLehlonono Majoro ake wawadlalela eNigizimu Afrika. Phakathi kwawo kubalwa izinkunzi zaseSowetho iKaizer Chiefs yaseNaturena kaKaizer “Shintsha Guluva” Motaoung kanye ne-Orlando Pirates kaDakt Irvin “Iron Duke” Khoza.

Kuwona womabili lawa maqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika wabonakala edlala kahle kakhulu wakwazi nokuthi aqhulule amagoli.