Magaye Cele
Kukhonye iTheku emidlalweni yomqhudelwano weProvincial Netball Championshi ebikade iqhubeka ngempelasonto enkundleni uGu Sport and Leisure eMargate oGwini oluseningizimu yesiFundazwe. 

ITheku linqobe kuyona yonke imidlalo kwabesifazane kanjalo nakubantu besilisa. Kuyona yomibili belikade liguqisa isiFunda iZululand.

Kulo mqhudelwano omkhulu ubukade ohlanganise amaqembu adlala ibhola lomnqakiswano angu-24 abevela kwiziFunda ezahlukene ezikhona KwaZulu Natal. 

Lo mqhudelwano bewukade wethiwe elokuthi yiProvincial Netball Championship uchazwe njengolethe umuzwa weNdebe yoMhlaba esisemome kwazise izobanjelwa eCape Town ngoMeyi.

Lo mqhudelwano obese kuphele isikhathi eside ungekho ubukade ujwayele ukuthi ube khona minyaka yonke.

Ubukade ugcine ukuthi ube khona ngonyaka ka-2019 kulandela ukuvumbuka kokhuvethe lwecovid 19.

Abadlali bawo wonke amaqembu abekade eyingxenye yalo mqhudelwano babonakale badlala ngokukhulu ukuzimisela lokhu.

Embangweni wendawo yesithathu bekuqhuthululana amakhizane isiFunda uMgungundlovu kanye nesiFunda iKing Cetshwayo. 

Kuqhubeka le midlalo nje neqembu lesizwe lakuleli lenetball labesifazane selivele liqalile ukwenza amalungiselelo eNdebe yoMhlaba.