MAGAYE CELE

UMENGAMELI wenhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo eThekwini, iSouth African Football Association, uMazwi Mkhize ufuna kubuyiselwe ibhola ezikoleni.

UMkhize uthi ukholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kubuyiswe ibhola lezinyawo ezikoleni ezahlukene ezikhona esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Lokhu uMkhize uthi bazimisele ukuthi njengenhlangano iSafa benze konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka ngampela ngaphandle kwenkinga.

“Iqiniso elimsulwa lithi akusibona bonke abafundi esinabo ezikoleni zethu zasesiFundazweni saKwaZulu Natal abayophila ngemfundo kuphela. Kodwa iqiniso lithi abanye babafundi esinabo kulesi siFundazwe bayothola ithuba lokuthi baphile kahle ngenxa yekhono labo abanalo lokudlala ibhola,’’kucacisa uMkhize.

Ngenxa yaleso sizathu uMkhize uthe kumele manje kube yinto ebekwa eqhulwini kuzona zonke izikole ezikhona esiFundazweni saKwaZulu Natal indaba yokubuyisa imidlalo yebhola lezinyawo.

UMkhize uthe okuhle kakhulu ngezemidlalo ukuthi abantwana bamane baphenduke osozigidi nje ngesikhashana.

Wathi yingakho kumqoka ukuba kwenziwe isiqiniseko esikhulu sokuthi ngampela ziyabuyiswa ezemidlalo ezikoleni ikakhulukazi imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo.

Echaza ngalokhu uMazwi Mkhize uthe: “Ngikholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuba izikole zethu zasesiFundazweni saKwaZulu Natal zenze isiqiniseko sokuthi ziyabuyiswa ngampela ezemidlalo ezikoleni. Lokho kusho ikusasa eliqhakazile kubafundi abanentshisekelo yokuziphilisa ngazo ezemidlalo uma sebekhulile.”

UMkhize ukhulume nangokubaluleka kokuba izikole zaKwaZulu Natal zinikeze amantombazane ingqayizivele yethuba lokuba nawo abonakalise ikhono lawo lebhola lomnqakiswano.

UMkhize uthe inselelo uyiphosela kakhulu izikole zabantu abaMnyama uthe ezikoleni zabelungu ezemidlalo zibekwa eqhulwini.