SECHABA MAKORO

OSOMABHIZINISI abehlukene besiFundazwe iKwaZulu-Natal bathi bawuzwa ngaphakathi uphila emizweni yabo umoya kaDr Nelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala okhethwe ngentando yeningi emuva kokuba leli lizwe lalicindezelwe uhulumeni wengicindezelo isikhathi eside.

Labo somabhizinisi iningi labo obekungabesifazane baphume ngobuningi babo babumbana benza umehluko lapho bephila khona nomphakathi ukugcwalisa lokho okwakufunwa uDkt Nelson Mandela eze egqunywa ejele iminyaka ewu-27.

Kuyaziwa ukuthi iNingizimu Afrika seyahlonza inyanga ka-July njengeyokuhoonipha uDkt Mandela kwazise wazalwa mhlaka 18 July. Ngokujwayelekile uma kuwusuku okwazalwa ngalo leli qhawe eladuma umhlaba wonke ngokumela lokho elikholelwa kukhona kokubona umuntu omnyama ekhululekile wonke umuntu uyanxuswa ukubungaza lolu suku ngokuthi okungenani esikhathini anaso asebenzise imizuzu ewu-67 esebenzela umphakathi engabheke nzuzo.

Ngalonyaka abe-KwaZulu-Natal Leaders in Business ngokubambisana nabe-Transnet National Ports Authority’s (TNPA) e-Eastern Region bahlanganyele nezishabasheki zezinhlangano zosomabhizinisi kulesi sifundazwe ngenhloso yokulekelela i-Amanzimtoti Child Support and Family Walfare eseningizimu yeTheku. Lapha bebeyobungaza usuku lukaDkt Mandela belwethe isiqubulo ebesithi ‘Do what you can, with what you have, wherever ypou are’ njengoba bebenikela ngokudla okunomsoco. 

Lezi zinhlangano zibe sezizibophezela ngokubambisana okuyi-Transnet National Ports Authority’s (TNPA) e-Eastern Region ne-KwaZulu-Natal Leaders in Business nabeChild Support and Family Walfare ngokuthi yonke lenyanga zizobe zilekelela mahhala emphakathini zihlonipha izifiso sikaDkt Nelson Mandela.