UMGADLI uSanele Barns

MAGAYE CELE

UMGADLI osamncane weqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership, iRichards Bay United usenze isethembiso sokuthi uzoqhulula amagoli amaningi ukuze kusizakale leli qembu abelikade ligijima esigabeni seMotsepe Championship ngesizini eyedlule.

Umgadli owenza lesi lesi sethembiso nguSanele Barns oneminyaka engu-25 yobudala. Ngokusho kukalo mgadli uzizwa eqatha ngokwanele ukuthi angakwazi ukuthi kulesi sizini abonakale elekelela kakhulu iRichards Bay United uma kukhulunywa ngokuhlohlwa kwamagoli.

Lo mgadli udalule ukuthi usebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi liyafezeka nakanjani iphupho lakhe lokuhlohla inqwaba yamagoli kwisizini yeDSTV Premiership yango-2022/2023.

Lo mgadli uthi okungenani kumele kukhulunywe indaba yokuthi kuthi kusongwa le sizini asengu-10 kuya phezulu esewonke amagoli asewavalele enethini.

Uthi lokhu ukholwa ukuthi kuzoba lula kakhulu ukuba kwenzeke ikakhulukazi uma esebenzisana ngokukhulu ukubambisana lokhu nabanye abadlali baleli qembu elikhale lemuka nesicoco seMotsepe Championship ngesizini eyedlule ka-2021/2022.

“Okuyikhona okumqoka ngaphezulu kwezinto zonke ukusebenzisana kahle nabo bonke abadlali beRichards Bay. Uma kwenzeke kanjalo angingabazi nje nakancane ukuthi nakanjani isifiso sami sokuqhulula lawa magoli engikhuluma ngawo siyobonakala sifezeka uma sekusongwa isizini yeDSTV Premiership ka-2022/2023,’’usho kanjena.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngaphambilini lo mgadli ubekade esemabhukwini eqembu likaTim Sukazi nalo eligijima esigabeni esiphezuli seDSTV Premiership, iGalax.

Lo mgadli uthe okunye abakuhlose ukukwenza bonke njengabadlali beRichards Bay ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi iqembu labo libalwa namanye angu-8 aphezulu uma sekusongwa isizini ka-2022/2023.