MAGAYE CELE

UQWEQWE lomsubathi waseNingizimu Afrika ngokuzalwa ongowaseBulwer, esiFundazweni saKwaZulu Natal, uBongumusa Mthembu uthi kungakuhle uma inyuswa ngokuzayo imali enqotshwa ngabasubathi abangenela umqhudelwano omkhulu iComrades Marathon.

UMthembu ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka phela ukuthi lo mqhudelwano wakulo nyaka obukade ugijinywa ngenyanga eyedlule ubukade unemali eyehliswe kunale ebikade inqotshwa ngaphambilini ngaphambi kokuba izwe lihlaselwe ukhuvethe iCovid 19.

Ngaphambilini umsubathi obeqengqeleza phambili ubekhala amuke nesamba semali elinganiselwa ku-R525 000. 

Kodwa kulokhu uTete Dijana waseNorth West ohambe phambili ugixatshezwe ngemali engu-R260 000 okuyimali ewuhhafu walena ebikade itholwa ngaphambilini.

UMthembu uthe ukholwa ukuthi ngonyaka ozayo sizobe sesingcono kakhule isimo okanye ke kuqinisekiswe ukuthi sibuyela kwesejwayelekile.

“Singabasubathi sonke esingenele lo mqhudelwano ukukhuluma iqiniso nje singakujabulela kakhulu ukuthi ngonyaka ozayo imali inyuke okanye ibonakale ibuyela kule ebivele kuyiyo ngaphambi kokuba kuhlasele iCovid 19. Lokho kungasikhuthaza kakhulu nathi njengabasubathi abavela emazweni ehlukene,’’usho kanjena.

UMthembu ubalwa nabanye babasubathi osekwazile ukuthi azakhele igama elikhulu kulo mqhudelwano. 

UMthembu usekwazile ukuthi lo mqhudelwano awunqobe kuze kube amahlandla amathathu. Emqhudelwaneni wangenyanga eyedlule uMthembu ulale endaweni yesine wakhala wemuka nemali eyisamba sika-R45 000.

Nokho uMthembu uthe kulokoza inhlansi yethemba yokuthi nakanjani isifiso sabo singafezeka ngonyaka ozayo imali ibonakale ibuyela kweyejwayelekile.

Loyo oyisiKhulu esiphezulu sabasubathi abangaphansi kweNedbank Athletics Club, uNick Bexter naye uhambe emazwini kaMthembu wathi bakhulekela ukuthi ngonyaka ozayo imali enqotshwa ngabasubathi kube yimali egculisayo.