MAGAYE CELE

USIHLALO weqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership, uphosela inselelo umlolongi weqembu lakhe ukuba abhukule enze isiqiniseseko esikhulu sokuthi leli qembu linqoba izinkomishi.

Loyo nguMnuz Sandile Zungu ongumnikazi weqembu AmaZulu Fc ophosela uBrandon Truter le nselelo kwisizini entsha ka-2022/2023.

UMnuz Zungu uphosa le nselelo nje kuzokhumbuleka phela ukuthi sekuphele isikhathi eside kakhulu leli qembu laKwaZulu Natal lagcina ukunqoba izicoco.

Eminyakeni eyedlule lase liphenduke iyoyo libuya esigabeni esiphezuu maqede libuyele phansi esigabeni esingezansi.Kodwa ukufika kukaMnuz Zungu kuleli qembu kubonakale kuguqula izinto eziningi kakhulu.

Ngesizini yokuqala leli qembu ebelilolongwa nguBenny MCcarthy likwazile ukuthi lenze kahle njengoba ligcine lilala endaweni yesibili ngamaphuzu angu-52 lilandela ngemuva iMamelodi Sundowns.

Ngayo futhi leyo sizini AmaZulu aqophe umlando ngokuthi ahambe ibanga elide kakhulu emqhudelwaneni wamaqembu ase-Afrika, iCAF Champions League.

Nokho ke konke lokho kungumlando njengoba uMnuz Zungu ethi ufuna ukubona izinkomishi manje kuleli qembu elibalwa namanye amadala akakhulu nanomlando omude nonothile kakhulu.

“Ngifuna ukubona AmaZulu eba yiqembu elinqoba izicoco kungagcini nje ngokuthi linqoba imidlalo kodwa liyehluleka ukuzuza izicoco. Ngikholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi leli qembu elithandwa kangaka KwaZulu Natal naseNingizimu Afrika yonkana lizuza okuthile,’’kuchaza uMnuz Zungu.

UBrandon Truter uthe uyayemukela le nselelo ephoswa nguSihlalo weqembu, uMnuz Zungu. Uthe okuyikhona okumqoka kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke ukubaluleka kokusebenzisana okuhle phakathi kwabadlali kanye nabaqeqeshi.

Uthe akangabazi nje nakancane ukuthi leli qembu lizobonakala lenza kahle kakhulu kule sizini entsha yeDSTV Premiership ezoqala.