MAGAYE CELE

UNYAZI lomdlali osanda kusayiniswa yiMaritzburg United eyiqembu laKwaZulu Natal, uBongani Sam usephoselwe inselelo yokuba abhukule ukuze ezoqinisekisa ukuthi uyalithola ijezi uma leli qembu seliqala selidlala isizini entsha yeDSTV Premiiership ka-2022/2023.

UBongani Sam ubalwa nabanye babadlali abancane baseNingizimu Afrika ababonakala benekhono eliyisimanga njalo uma bethola ingqayizivele yethuba lokuba bazibonakalise ngaphakathi enkundleni.

UBongani Sam kuzokhumbuleka ukuthi ubekade esemabhukwini ezingqungqulu zaseGoli, i-Orlando Pirates kaDkt Irvin “Duke” Khoza ophinde futhi abe nguSihlalo weDSTV Premiership.

UBongani Sam ungumdlali oyinxele odlala ohlangothini langokwesobunxele osezakhele ugazi kubathandi abaningi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.

Loyo oyiPhini lomqeqeshi kwiMaritzburg United, uDitheko Mototo nguyena osephosele uBongani Sam le nselelo enzima kangaka yokuzibonakalise ahlwithe nejezi.

UMototo uthe kuzoba mqoka kakhulu ukuthi uBongani Sam adlale ngokukhulu ukuzinikela lokhu ukuze ezolithola nakanjani ijezi uma sekuqala isizini entsha.

“Ngeshwa elikhulu wonke umuntu ongumdlali ojoyna iMaritzburg United akamane nje athathwe afakwe ngaphakathi enkundleni kodwa kumele asigculise adlale ngokukhulu ukuzinikela lokhu ukuze naye ezolithola ithuba lokuthi athole ijezi,’’kuchaza uDitheko Mototo.

IMaritzburg United kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule ka-2022/2023 ibikade ilolongwa ngu-Enest Midenodorp ongumlolongi waseJalimane ngokudabuka nowazakhela igama elikhulu ngesikhathi esalolonga iKaizer Chiesfs kaKaizer “Shintsha Guluva” Motoung.

Kodwa leli qembu kwisizini entsha lizobe selilolongwa nguJonh Maduka phambilini obekade esemabhukwini eRoyal Am kodwa ovele wakhetha ukuthi ayilaxaze nje isigubhukane.

Naye uBongani Sam uzwakalise ukuthakasa kakhulu ngokujoyina iqembu laKwaZulu Natal wathembisa ukuthi uzodlala ngokuzimisela okukhulu.