SECHABA MAKORO

UBUHOLI bukaMasipala waKwaDukuza buncoma ukuhamba kahle kweChief Albert Luthuli Legacy Walk and Fun Run 2022 nokubonga bonke ababambe iqhaza ukuze lo mqhudelwano ka-11.5 KM uhambe kahle.

IMeya yakulo masipala uKhansela Lindile Nhaca naye obeyingxenye yababebegijma lapha kwiChief Albert Luthuli Legacy Walk and Fun Run 2022 uthi uhlabeke umxhwele ngokubona izakhamizi ezakhele umasipala awuholayo zizimbandakanye nezinhlelo zomphakathi. Lo mqhudelwano usongelwe e-Groutville Sporting Facility.

INkosi Albert Luthuli eyakhothama ngo-1967 ingenye yamaqhawe amnyama ahlonishwa ngeNobel Peace Price ngo-1960 ehlanganyela nabanye okukhona phakathi kwabo u-Archbishop Mpilo Desmond Tutu waseSheshi ongasekho. Ungomunye wabaholi ababamba iqhaza kwi-African National Congress (ANC) njengoba wake wabamba isikhundla esikhulu kuleli qembu engu-President General. 

Ekhuluma ngokuhamba kahle kwalo mqhudelwano uKhansela Nhaca ubonge umndeni wakwaLuthuli ngokuvuma ukuba kuhlonishwe ilungu lawo elingasekho, abeLuthuli Council, uMnyango wezemiDlalo nezokuNgcebeleka KwaZulu-Natal, abakaMasipala wesiFunda seLembe nazo zonke izinhlaka ezilule isandla ukuze iChief Albert Luthuli Legacy Walk and Fun Run 2022 ibe yimpumelelo. “Sizozinikela ukuba iGroutville Sporting Facility siyihlonipha ngeqhawe lethu iNkosi Albert Luthuli njengoba silindele ukuyivula sikhumbula nokuhambela kuka-Senator Robert Kennedy owayevakashele iNkosi Albert Luthuli lapha ngo-1966. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi leli bala kalishintshi lihlale linjengoba lalinjalo ukugcina lo mlando. Sihlatshwa umxhwele imizamo yeNkosi Albert Luthuli yokuthi bonke abantu abampofu kabavalelwa ngaphandle bengenakuzikhulumela futhi benganakwe muntu,” usho kanje.

UKhansela Nhaca ubonge lo mqhudelwano ethi ngawo uyabakhuthaza futhi uyabagqugquzela ekuhambeni ezinyathelweni zeNkosi Albert Luthuli eyazinikela yalwela abantu abamnyama ukuthi nabo bahlonishwe bangalahlekelwa yisithunzi phakathi kwezinye izizwe. Uthe lo mqhudelwano ubakhumbuza iqhaza laleli qhawe futhi bafuna ngawo ukugcina zimfundiso zalo entsheni ekhulayo.