MAGAYE CELE

LOYO onguMengameli wenhlangano yabagijimi eNingizimu Afrika, i-Athletics South Africa (ASA),uMnuz James Moloi uthi abasubathi abaningi baseNingizimu Afrika bangancela kogwansile kwingqwele yomsubathi engumakadebona, uCaster Semenya.

Ngenxa yaleso sizathu uMnuz Moloi uthi kumqoka kakhulu ukuthi abasubathi abaningi baseNingizimu Afrika babonakale besondelana naye uCaster Semenya amchaza njengomgijimi ovelele nohlonishwa cishe emhlabeni nje jikelele.

UMoloi uthe ikakhulukazi labo basubathi abancane abasathuka isisinga yibona kanye athi unesiqiniseko esipheleleyo sokuthi bangazuza lukhulu ngampela kuCaster Semenya osezakhele igama elikhulu nangenqwaba yemijaho asekwazile ukuthi ayinqobe.

“Iqiniso ukuthi sinenqwaba yabasubathi lapha eNingizimu Afrika. Iningi labo basebancane kakhulu basanentshisekelo enkulu yokuthi babonakale benekusasa eliqhakazile kakhulu kulo mkhakha wezokusubatha,’’usho kanjena uMengameli wal nhlangano, uMnuz Moloi.

Eqhuba uthe: “Ngenxa yalokho ngikholwa ukuthi bonke labo basubathi kungaba umqondo omuhle kakhulu ukuthi bafunde kuCaster Semenya ngebanga elide aselihambile kwezokusubatha. Angingabazi nje nakancane ukuthi nakanjani kuningi kakhulu okungafundwa yilaba basubathi kuCaster Semenya.”

UMnuz Moloi ube esekushayela elikhulu futhi ihlombe leli ukufakwa kwegama likaCaster Semenya ohlwini lwabagijimi abakade bebonakala beyibambe emqhudalwaneni omkhulu weWorld Championship obukade ubonakala uqhubeka e-Oregon, e-United State of America (USA).

UMnuz Moloi ukuchaze njengokuphenduleka kwemithandazo yabantu abaningi baseNingizimu Afrika abangabalandeli bezokusubatha ukubonakala kwegama likaCaster Semenya ohlwini lwabasubathi abase-United States of America.

“Ukukutshela iqiniso nje ngikholwa ukuthi kuphenduleke imithandazo yabantu abaningi ukubandakanyeka kwegama likaCaster Semenya emagameni abasubathi abaqokelwe ukuba bayomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano,’’usho kanjena uMnuz Moloi.