SECHABA MAKORO

INTAKA ibekelwe amazolo kubathandi bebhola lezinyawo njengoba abaMaZulu Community Trust ngokubambisana nabe-Hollywood Bets behlele ingqayizivele yomqhudelwano webhola lezinyawo owaziwa ngeHollywood Siyakhula U15 Cup ohlelelwe umhlaka 30-31 July kophezulu.

Lo mqhudelwano uzodlalelwa eTill Crescent Sports Ground eThekwini lapho kuzobe kugadulisana izinkunzi eziwu-16 ngenhloso yokuthola ingqwele yalomqhudelwano. Kuzokhumbuleka ukuthi owangonyaka odlule isicoco sawo sakhala semuka naMaZulu FC emuva kokugingqa othulini iVillage Boys ngo-3-0. 

Ngokwabahleli balo mqhudelwano kuthiwa ingqwele izokhala yemuke nomklomelo kaR10 000 okuyisheke elizohambisana nezinsiza zokudlala ezixhaswe ngabeHollywood Bets. Bese kuthi umdlali ovelele yena atetemukiswe ngokuhambela eGoli ukuyokwenza ama-trial eLaliga. 

UMpho Dintwa oyi-Programmes Manager yaMaZulu Community Trust ukushayele ihlombe ukuqhubeka kwalomqhudelwano ebonga nazo zonke izinhlaka ezibambe iqhaza kuwona ukuze uphumelele ngenhloso yokuthuthukisa ezemidlalo lebhola lezinyawo ngosizo lwabe Hollywood Bets. “Lona umsebenzi okhulayo ngaphansi kwaseThekwini SAFA Region. Ngesikhathi siqala iHollywood Siyakhula U15 Cup nyakenye sasingenabo abalandeli nabazali bengekho kodwa namhlanje abantu bamenyiwe ukuba yingxenye yawo ngokuthi bazoba ngofakazi ngokuzobe kwenzeka. AbeHollywood benza kahle kakhulu ngokubambisana nathi ekuvezeni ikhono labafana abasakhulayo ukuze nabo baqhakaze kwezemidlalo,” kusho yena.

USindisiwe Bhengu oyi-Operations Executive yaseHollywoodbets ubonge ukuba yingxenye yalo mqhudelwano okuhloswe ngawo ukuvundulula ikhono labadlali abavelele bakusasa. “Sigqugquzela abadlali abasebancane ngeminyaka ukuzimbandakanya nezemidlalo besebancane. NgeSiyakhula Cup sihlose ukuhamba siziqhenye ngokuthi sikwazile ukuqhakazisa ikusasa labadlali bagcina sebevelele nabo sebebalwa nabahlonishwayo kwezemidlalo. Sizimisele ukubona ikusasa labadlali abasha nekhono abanalo lithuthuka kwezemidlalo,” usho kanje.