MAGAYE CELE

LOYO owabe engumqeqeshi weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika, uMnuz uShakes Mashaba uthi akaneme ngendaba yabadlali asebekhulile kakhulu ngokweminyaka abavele benze i-ABC Motsepe league indawo yabo yokugugela.

UMashaba uthe leli yiphutha elikhulu elibonakala livunywa nje kalula yinhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (SAFA).

UMashaba owazakhela igama elikhulu ngesikhathi enza ezibukwayo kwiBafana Bafana uthe indaba yabadlali asebegugile kumele ivalwe manje kwi-ABC Motsepe league.

“Angifuni nje ukuqamba amanga uyangikhathaza kakhulu lo mkhuba wokwanda kakhulu kwabadlali abakhulile ngokweminyaka esigabeni se-ABC Motsepe league. Ngiye ngizibuze ngiziphendule ukuthi ngampela lokhu kusho ukuthini ngebhola lakithi eNingizimu Afrika,’’kukhononda uMashaba.

Ngokwakhe uMashaba kwisigaba se-ABC Motsepe league kumele ngabe sisetshenziselwa ukuthi kugcine kugqama abadlali abasebancane abanentshisekelo yokugcina bevelela ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika.

“Uma kugcwala abadlali abakhule kangaka ngokweminyaka futhi asebedlale baqeda ezigabeni eziphezulu. Mina ngiye ngivele ngizibuze ukuthi kanti laba abanye abadlali abasebancane esithi siyabakhulisa bona ngempela ithuba lokuthi bazibonakalise bayolithola nini futhi mhla kutheni,’’usho kanjena.

Kafishane ngoMashaba wazakhela igama elikhulu ngesikhathi esalolonga iqembu likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika labangaphansi kuka-23, amaGlug Glug elabe livutha lingabaselwe.

Sekungumlando namhlanje ukuthi lelo qembu lalikade libunjwe ngabadlali ababeyizibabuli uma bengaphakathi enkundleni. Phakathi kwalabo badlali kubalwa umgadli owayengalibheki ipali owagcina esevelela naphessheya kwezilwandle naye osengumqeqeshi manje, uBenny MCacthy.

Abanye abadlali abaduma kahulu kulelo qembu ukapteni walo wangaleso sikhathi uMathew Booth kanye noSiyabonga Bhele Nomvethe owayedlala ibhola elinenkosi phakathi.