MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu waseMandeni enyakatho yeKwaZulu Natal, uKhansela Thabani Mdlalose ugqugquzela kakhulu abantu abasha bakule ndawo ukuthi bangazitheIi ngabandayo kodwa bazijwayeze ukuzibandakanya nomdlalo wekarate.

UMeya walo Mkhandlu uchaze ukarate njengeminye yemidlalo emqoka kakhulu okufanele kubonakale abantu abasha beyidlala njengeminye.

Abantu abasha bakule ndawo bebephume ngobuningi bezozibandakanya nalo mqhudelwano obonakale uba nesasasa elikhulu kulo mphakathi. Umqhudelswano ubukade uqhubeka ehholo lomphakathi lakhona eMandeni, iSibusisiwe Hall.

UMeya uKhansela uMdlalose naye owake wayidlala ikarate unxuse abantu abasha abaningi bakule ndawo ukuthi baqale manje bakhombise ukuzimisela ngalolu hlobo lomdlalo aluchaze njengolubalulekile futhi oluhlukile kakhulu kweminye imidlalo.

“Mina ngikholwa ukuthi umdlalo wekarate ungaba yinto nkulu kakhulu ngaphezulu nje komdlalo. Kuningi kakhulu okufundwayo emdlalweni kakarate okungabakhulisa abadlali balo mdlalo,’’usho kanjena.

Eqhuba uKhansela uMdlaose uthe ufundisa abadlali bawo indlela yokuziphatha, indlela yokuzivikela, ukuhlakanipha kanye nendlela yokuzithuthukisa kanye nokubaluleka kokuzimela empilweni.

UKhansela uMdlalose uthe akangabazi nje nakancane ukuthi likhulu ithalente kubantu abasha baseMandeni abadlala ikarate. Uthe yingakhoke ebanxusa futhi ebagqugquzela ukuthi bazijwayeze ukuzibandakanya nawo.

Ukhansela uMdlalose uzwakalise ukuthakasa kwakhe ngendlela nje lo mqhudelwano ohambe ngakhona nangendlela obonakale uba nesasasa ngakhona.

“Ngijabule kakhulu ngendlela lo mqhudelwano ohambe ngakhona kuningi kakhulu okuhle engikubonile kwenzeka. Kuyangijabulisa futhi kakhulu ukubona abantu abasha bethu sebeqala manje bewujabulela umdlalo wekarate.Angingabazi nje nakancane ukuthi gokuhamba kwesikhathi sizokwanda isibalo sabantu abasha abawuthandayo lo mdlalo,’’usho kanjena.