MAGAYE CELE

ISETHENJWA seMamelodi Sundowns, uThemba Zwane sesiphumele obala saphawula ngokuzitshwa kwaso ngumlolongi weqembu lesizwe, iBafana Bafana phezu kokuba lo mdlali ebonakala esefomini enhle kakhulu.

UZwane oyisikhwishikhwishi seMamelodi Sundowns nosenesipiloyoni esikhulu semidlalo yeCAF Champions league uthi uyasihlonipha isinqumo sikaHugo Broos ololonga iBafana Bafana sokumziba njalo uma ememezela iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

Selokhu iBafana Bafana yalolongwa nguHugo Broos ongawaseBelgium ngokudabuka akakaze nakanye nje ambizele kwelesizwe uThemba Zwane. 

Nokho ke ziningi kakhulu izikhalo ezikhona kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo ngokuzitshwa kukaZwane kwelesizwe. 

Abaningi bakhala ngokuthi unesipiliyoni esanele sokuthi angakwazi ukuthi amele kahle iBafana emdlalweni emikhulu yase-Afrika. Kodwa konke lokho kubonakala sengathi akuthi shu kuHugo Bross.

UBroos uke wacashunwa kwabezindaba elimisa ngesihloko elokuthi kwelakhe iqembu akasoze abiza igama likaZwane. 

Uthe ukuze uZwane kumenyezelwe igama lakhe kwiBafana Bafana kuyomele nakanjani lo mdlali abonakale eshintsha indlela yakhe yokudlala ibhola uma esenkundleni. 

Le nkulumo kaBroos ixake abalandeli abaningi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika basala bezibuza ukuth kanti yini le osekufanele yenziwe nguZwane ukuze naye elakhe igama libizwe kwabangcwele.

“UThemba Zwane angifuni nje ukuqamba amanga akasilona lolu hlobo lomdlali engiluthandayo nengifisayo ukuthi ngisebenzisane nalo. Uma kuya ngokuthi yena ke uZwane uyafisa ukubizelwa kwelesizwe mina ngikholwa ukuthi nakanjani kuzomele aqale ashintshe indlela yakhe yokudlala ibhola uma esenkudleni,’’kuchaza uHugo Broos.

UZwane yena uthe akanankinga ngesinqumo sikaBroos : “Mina ngiyasihlonipha futhi kakhulu isinqumo sakhe uBroos sokungangibizeli kwiBafana Bafana ngoba yena unesizathu sokwenza kanjalo.”