MAGAYE CELE

INHLANGANO eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (Safa), ithi kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokubuya kwabalandeli ezinkundleni zezemidlalo kuleli. Le nhlangano ithi ikholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kube khona okwenziwayo mayelana nalesi simo.

Kwisitatimende esithunyelwe yile nhlangano iveza ukuthi izokwenza konke okusemandleni ayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyabuyekezwa isinqumo esathathwa mayelana nokuhoxiswa kwabalandeli ezinkundleni zakuleli. 

“Sizokwenza konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bayabuyiswa abalandeli bebhola lezinyawo ezinkundleni zaseNingizimu Afrika. Siyethemba nokuthi lokhu kuzokwenzeka futhi akukho nokukodwa okuzovimba manje,’’kusho isitatimende.

Kuzokhumbulela ukuthi sekuphele isikhathi eside kakhulu bengabonwa nangalukhasha abalandeli bebhola lezinyawo ezinkundleni zebhola laseNingizimu Afrika.

Ukunyamalala kwabo kwaba yimbangela yokuvumbuka kwokhuvethe iCovid 19 ngo-2020. Lokhu kwayithikameza kakhulu isizini kangangoba kwaze kwadingeka ukuthi ingxenye ethile yemidlalo eyabe isele iqedelwe ezinkundleni okwabe kukhala ibhungezi kuzona.

Sekungumlando manje ukuthi ngaleso sikhathi iPremier Soccer League (PSL) yayisaxhaswe ngabakwa-Absa. IMamelodi Sundowns yiyona eyagcina iba yizingqwele kuleyo sizini iphuca iChiefs iqatha emlonyeni ngomzuzu wokugcina.

Ukungabibikho kwabalandeli ezinkundleni zezemidlalo zakuleli sekube yinto esekukhulunywe kakhulu ngayo bebaningi abantu abazwakalisa ukungenami kanye nokungagculiseki kwabo mayelana nalesi simo.

USihlalo weKaizer Chiefs okuyizingqungqulu zaseGoli ezinabalandeli abagcwele iNingizimu Afrika yonke, uMnuz Kaizer “Shintsha Guluva” Moatoung ungomunye oseke waphumela obala wathi kuyabalimaza kakhulu njengeqembu ukungavunyelwa kwabalandeli kuleli.