MAGAYE CELE

SEKUQINISEKISIWE ukuthi uyabuya kulo nyaka ka-2022 umjaho omkhulukazi ohlanganisa abasubathi basezwenikazi i-Afrika kanjalo nabasemhlabeni nje jikelele, iCommrades Marathon.

IComrades Marathon ebanjelwa eNingizimu Afrika minyaka yonke kuzokhumbuleka ukuthi ibalwa neminye yemijaho emikhulukazi nehlonishwayo kakhulu. 

Ngokujwayelekile yaziwa kakhulu ngokuhlanganisa abasubathi beqophelo eliphezulu basezwenikazi i-Afrika kanjalo nasemhlabeni nje jikelele.

AbeComrades Marathon Association sebekuqinisekisile ukuthi lo mjaho kulo nyaka uzokuba khona. Badalula nokuthi uzogijinywa ngomhlaka-27 kuNcwaba (August). Owakulo nyaka uzobe usuka eMgungundlovu uze uzophelela edolobheni iThekwini, enkundleni yebhola likanobhutshuzwayo ethandwa nganingi, iMoses Mabhida Stadium.

Kuzokhumbuleka ukuthi bese sisikhulu kakhulu isikhalo kubasubathi abaningi baseNingizimu Afrika ngokubhuntsha kwalo mqhudelwano abawuthanda kangaka. 

Kuzokhumbuleka nokuthi ingqwele yalo mqhudelwano ngu-Edward Mothibi okunguyena owagcine ekhale wemuka nendondo yaso kwabesilisa. Kwabesifazane khona kwase kuba yintokazi enejubane elikhulu uGerda Steryn.

Sebebaningi kakhulu abasubathi abazakhela igama kulo mqhudelwano. Phakathi kwabo kubalwa insizwa yaseBulwer ngokuzalwa, uBongumusa Mthembu oseyinqobe amahlandla aze aba mathathu. 

Abanye kubalwa uFusi Nhlapho owayinqoba ngonyaka ka-2000, amanye amagama angeke alibaleka njalo uma kukhulunywa ngomqhudelwano weComrades Marathon kubalwa u-Andrew Kelehe kanye nomfawabo omncane uGift Kelehe abake bayinqoba bobabili ngokuhlukana kweminyaka. 

UDavid Getebe, Vradimir Kotov, Bruce Fordyce kanye noShaun Meiklejohn ngabanye babasubathi abavelela kakhulu namagama abo aduma kulo mqhudelwano omkhulu. 

Amawele aseRussia ayedume ngokudla umhlanganiso minyaka yonke angeke alibaleke u-Elena Nuragaalieav benodadewabo u-Olesya. Baqopha umlando ngokuba ngbesifazane abawunqoba amahlandla amaningi kwabesifazne lo mqhudelwano.