UTHABO Mathlaba osesayine neqembu laseThekwini, iRoyal Am.

MAGAYE CELE

IBAMBE ufishi omkhulu iRoyal AM, okuyiqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima ngaphansi kwesigaba esiphezulu nesihlonishwayo saseNingizimu Afrika, iDST Premeir Soccer league.

Leli qembu elilolongwa nguJohn Maduka nelibukeka lidlala kahle kakhulu selokhu lingenile kulesi sigaba lithenge uThabo Matlaba ongumdlali onamava nobalwa nabanye abadlali abambalwa abanesipiliyoni esikhulu sokugijima esigabeni esiphezulu sePSL.

UMatlaba wazakhela igama elikhulu ngesikhathi esagijima kwezika-Irvin “Duke” Khoza i-Olando Pirates agijima kuyoma imidlalo eminingi kakhulu. Wakwazi ukunqoba inqwaba yezicoco futhi wabonakala ewumdlali ovelele nowagcina esephenduka umdlali owumgogodla omkhulu waleli qembu.

Ukuvelela kwakhe kweziMnyama kwaze kwaholela ekutheni agcine esenikezwa nebhande lobukapteni okuyinto eyanconywa kakhulu ngabahlaziyi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.

Ukudlala kwakhe ngokukhulu ukuzikhandla lokhu uma engaphakathi enkundleni yikhona kanye okwaze kwaholela ekutheni igama lakhe ligcine selibizwe naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Nakhona wabonakala edlala kahle kakhulu enza nomehluko omkhulu endaweni ayedlala kuyona kwesobunxele emuva. Uhlobo lwamagoli ababezakayo ayewashaya yiwona amenza ukuthi ahlonishwe kakhulu ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika namaphethelo.

Wayeyingxenye yeqembu leziMnyama elaligijima emidlalweni yeCaf Champion League. Njengoba esejoyina iRoyal Am akungabazeki ukuthi uzoletha umehluko omkhulu eqejini kanye nesipiiyoni sakhe kubonakala sizoba mqoka kakhulu kuleli qembu laseThekwini. 

Ufika kwiRoyal Am nje uMatlaba ubekade esesemabhukwini eSwallows Fc kodwa ngenxa yezinkinga ezahlukene bagcina bevumelene ngokuthi kuhlukwane.

IRoyal AM isayinisa uMatlaba nje kusanda kuvela izindaba zokuthi yale yaphetha ukuba idedele umgadli wayo ovutha uphondo, uVictor Letsauale okuvela ukuthi ubekade egaqelwe kakhulu ngamaqembu amakhulu aseGoli okubalwa kuwona ezikaShintsha Guluva, iKaizer Chiefs kanye nayo i-Orland Pirates.

UMamkhize onguSihlalo weRoyal Am udalule ukuthi leli qembu linohlelo olujulile lokugcina liba yiqembu elibonakala liphumelela kakhulu ngaso sonke isikhathi. Lokhu uthe bazokwenza uma bebambisene bonke kuleli qembu laseThekwini.