MAGAYE CELE

ISEMBHIDLANGWENI wokuthi ibuyise isithunzi seNingizimu Afrika kwezokusubatha, inhlangano eyengamele ezokugijima kuleli, i-Athletic South Africa (ASA).

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguMengameli we-Athletic South Africa, uMnuz James Moloi, obekade ekhuluma kabanzi ngezinhlelo abanazo ngezokusubutha ngonyaka omusha ka-2022.

Ngokusho kukaMoloi kumqoka kakhulu ukuthi izwe iNingizimu Afrika libonakale libuyelwa yisithunzi kuyona yonke imiqhudelwano ezoyigijima kulo nyaka. 

Uthe bafuna ukuqinisekisa kakhulu ukuthi izinhlelo zabo ziba yimpumelelo enkulu kakhulu.

Uthe sesifikile manje isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibuyelwe yisithunzi uma kukhulunywa ngemiqhudelwano emikhulu yezokusubutha emhlabeni nje jikelele.

Ugcizelele ukuthi yinye kuphela indlela iNingizimu Afrika engabuyelwa ngayo yisithunzi kwezokusubatha ukuthi le nhlangano ibe sekhaleni lokuthi kubunjwe inqanawe yeqembu elizogila izimanga uma sekunemiqhudelwano emikhulu yezokusubatha.

“Sesifikile manje isikhathi sokuthi siqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika siyenza ibe yizwe elesatshwayo kakhulu uma kukhulunywa ngezokusubatha emhlabeni nje jikelele. Lokho ke angingabazi ukuthi sinawo amandla okuthi sikwenze,’’usho kanje.

UMoloi ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka phela ukuthi iNingizimu Afrika ayenzanga kahle ngesikhathi somqhudelwano wama-Olypics Games angonyaka owedlule abekade ebanjelwe eTokyo, eJapan. INingizimu Afrika yabhacaza kakhulu saze saba sikhulu kakhulu isikhalo ngalokhu.

Phakathi kwemiqhudelwano emikhulu kakhulu iNingizimu Afrika ezobonakala iba yingxenye yayo kulo nyaka kubalwa iWorld Indoor Championships yona osekuvelile ukuthi izoqala ukuthi idlalwe ngomhlaka-18 kuMarch eBelgred, eSerbia, yiWorld Athletics Race Walking Teams Championships nayo futhi ezokuba ngoMarch edolobheni iMuscat ezweni i-Oman, yiWorld Athletics Championships yona ezoba ngoJuly e-United States of America (USA), bese begcina ngokuthi babe yingxenye yamaCommon Wealth Games azoba sedolobheni, iBergimham, ezweni, eNgilandi.