MAGAYE CELE

OMUNYE wabashayisibhakela owaziwayo nohlonishwayo kakhulu eNingizimu Afrika usethole impi enkulu kakhulu azoyilwa ngoMarch kuwona lo nyaka.

Loyo nguZolani “Last Born” Tete ngokuzalwa ongowaseMdansane, e-Eastern Cape osekuqinisekiswe izindaba zokuthi uzongqimuzana noJason Cunningham wase-United Kingdom (UK) empini enkulu ezobe ibhekwe ngabomvu ngabalandeli besibhakela basezwenikazi i-Afrika kanjalo nasemhlabeni nje jikelele.

Kuvela izindaba zokuthi laba bashayisibhakela beqophelo eliphezulu futhi abashaya isibhakela esiqhwiza umentshisi bazobe bebanga ibhande elikhulu kakhulu leCommnon wealth British Empire Super Bantamweight. Kuthiwa futhi bazophinda bangqimuzane okwesibili sebebanga elinye futhi ibhande okungele-IBF International Bantamweight.

Izindaba zokulwa kwalaba bashayisibhakela ziqinisekiswe yiloyo oyiMenenja kaLast Born, uMlandeli Tengimfene obekade ekhuluma kabanzi ngezinhlelo zikaLast Born zakulo nyaka ka-2022.

UTengimfene udalule ukuthi kuyimanje le mpi enkulu sebevele sebeqalile ukuthi bayilungiselele ngoba nabo bayibheke ngabomvu. 

“Ngikutshela ukuthi kuyimanje vele le mpi sesivele sesiqalile ukuthi siyilungiselele. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi siyazimisela kakhulu uma siyilungiselela ngoba okumqoka kakhulu yikhona kanye ukuyilungiselela ngendlela efanele,’’usho kanje.

Eqhuba uTengimfene uveze ukuthi akukho okunye kuyamphoqa nje uLast Born ukuthi amane ayinqobe le mpi ezeseka ngokuthi ngokwenza kwakhe kanjalo uyobe uzisize yena kakhulu.

“Mina ngikholwa ukuthi uLast Born kuyamphoqa kakhulu ukuthi amane ayinqobe le mpi. amshaye amngqimuze phansi lo mshayisibhakela uJason. Lokho mina ngicabanga ukuthi kumele akwenze kumnyama kubomvu,’’usho kanjena.

ULast Born ubalwa nabanye babashayisibhakela baseNingizimu Afrika asebezakhele igama elikhulu futhi obonakala edlondlobala minyaka yonke. Ziningi kakhulu izicoco aseke azinqoba engqimuza phansi abashayisibhakela abehlukene basezwenikazi i-Afrika, abaphesheya kwezilwandle kanjalo nabakhona lapha eNingizimu Afrika.