Isithombe: Bekubukiswa ngemikhiqizo ehlukahlukene kwi-SMME Fair & Exhibition yakulonyaka. Isithombe sithunyelwe.

Intatheli yeSivubela Intuthuko

UMasipala waseMandeni uqhubeke nokuqinisa umnotho wendawo ngokusingatha ngempumelelo umcimbi waminyaka yonkr we obubanjelwe eSibusisweni Hall, lapho osomabhizinisi abasafufusa bethola khona amathuba amasha okukhulisa amabhizinisi abo nokwakha ubudlelwano obuzobazisa esikhathini esizayo.

Lo mcimbi, ohloswe ngawo ukukhuthaza ukukhula kwamabhizinisi amancane naphakathi, unikezeosomabhizinisi ithuba lokuzimaketha emphakathini, bethola amakhasimende amasha kanye nokuxhumana nabanye osomabhizinisi abavela emakhakheni ehlukahlukene.

Ekhuluma kulo mcimbi, uMeya kaMasipala waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, ubalule ukubaluleka kokuthi osomabhizinisi bazibandakanye ezinhlelweni ezihlose ukubathuthukisa nokubazisa ukuthi bazimele ngokuphelele

“Siyababongela bonke abakwazile ukuba yingxenye yalomcimbi. aianingi labo selithole amakhasimende amasha, kanti abanye bakwazile ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana nabanye osomabhizinisi,” kusho uMdlalose.

Uphinde waqinisekisa ukuthi uMasipala uzoqhubeka nokweseka osomabhizinisi bendawo ngenhloso yokudala amathuba emisebenzi kanye nokuqinisa umnotho wamphakathi.

“NjengoMasipala asigcini nje ngokuqoqa osomabhizinisi ngalolu hlobo, kodwa sidlala indima ebalulekile kusukela umuntu ebhalisa ibhizinisi kwa-LED. Simxhumanisa nezinhlaka ezihlinzeka ngoxhaso, izeluleko kanye nokuqeqeshwa. Siphinde simxhase ngezinhlelo zethu zama-Quick Wins nezinye izinhlelo ezahlukene ukuze afinyelele esigabeni sokuzimela,” kuqhuba yena.

Umcimbi we-SMME Fair & Exhibition uqhubeke nokuba yinkundla ebalulekile yokwakha ubudlelwano, ukwabelana ngolwazi kanye nikuvula amathuba amasha osomabhizinisi bendawo, okubonisa ukuzibophezela kukaMasipala waseMandeni ekuthuthukiseni umnotho wendawo nasekusekeleni osomabhizinisi ukuthi basimame.