Isithombe: Kugqugquzelwa ukubaluleka kokufunda kugujwa olomtapo wolwazi. Isithombe sithunyelwe.
Intatheli yeSivubelo Intuthuko
UMasipala waseMandeni, ngaphansi kophiko lwezomtapho wolwazi, ubungaze ngempumelelo iViki Lomtapo Wolwazi kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-20 kundasa 2026, ngenhloso yokukhuthaza ukufunda, ukubhala kanye nokusetshenziswabkwezinsiza zolwazi emphakathini nasezikoleni.
Imicimbi iqala mhla ziyi-16 kuNdasa lapho kuvakashelwe izikole eziyisithupha kwenziwa ukubuyekezwa kwezincwadi. Lolu hlelo beluhlose ukukhuthaza abafundi ukuthi bafunde ngokujulile, baqonde futhi bakwazi ukuhumusha izincwadi, ngenhloso yokwakha isiko lokufunda kusenesikhathi.
Kulona lelisonto kubanjwe i-workshop yamakilabhu ezincwadi nababhali, lapho ababhali abanolwazi bedlulise khona amakhono okubhala, izindlela zocwaningo ngaphambi kokubhala, kanye namasu okuvuselela intshisekelo yokubhala izincwadi emphakathini.
Njengengxenye yokughubha lelisonto elibalilekile, kuvakashelwe izikole iNembe Primary School kanye neMangethe Primary School ngenhloso yokusondeza izinsiza zomtapo wolwazi kubafundi. Njengengxenye yalolu hlelo, izikole zinikelwe ngezincwadi zokuthuthukisa ukufunda.
Kwaphinde kwaba nohlelo lweDigital Awareness ngokubambisana neDurban University of Technology, Moses Kotane Research Institute kanye nUniversity of Zululand. Izikhungo zivakashele iMandeni Academy neTugela Secondary School ziqhakambisa umkhakha we-Information and Communication Technology.
Imicimbi iphethwe mhla zingama-20 kuNdasa ngokwethulwa kwezincwadi zababhali bendawo, kwaphinde kwahlonishwa umbhali, iMnuz CZ Ntuli, ngomsebenzi wakhe.
Ababhali abethule izincwadi zabo bahlanganisa:
. Nelly Shozana – Navigating Mental Health and Business
. Makhiseni Khumalo – Uyapha, Ahlobise, Alonde
. Sanele Ncwane – My life as a Drug Addict” I never lost hope in the possibility of change”
UMasipala waseMandeni uthe lolu hlelo lube yimpumelelo enkulu ekugqugquzeleni ukufunda, ukubhala kanye nokusetshenziswa kwezobuchwepheshe, waphinde wagcizelela ukuzibophezela kwawo ekuqhubekisenii phambili imfundo nolwazi emphakathini.
