Isithombe: Ufiselwe uhambo oluphephile oyothola ulwazi oluthuthukiswe kwezolimo phesheya. Izithombe zithunyelwe.
Nokulunga Nxumalo
Umphakathi waseMandeni ugcwele ukuziqhenya njengoba intokazi yase-Island eWard 13, uNksz Lindelwa Dlala, iqala uhambo olubalulekile olubheke ezweni laseDenmark ngaphansi kohlelo lwe-Youth Transpire Abroad, lapho ezothola khona ithuba lokufunda nokusebenza emkhakheni wokukhiqizwa kobisi isikhathi esingangezinyanga ezingu-18.
Ngesonto eledlule, uMeya woMkhandlu kaMasipala waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, ehambisana neSekela Meya uKhansela Bhekithemba Magwaza kanye noSomlomo woMkhandlu uKhansela Phindile Sishi, kanye nawo wonke amakhansela omkhandlu, bahlangene befisela uNksz Dladla uhambo oluhle baphinde bamgqugquzela ukuba azibambe ziqine azimisele kwezokuncela abuye azisiza abanye ozakwabo.
UNksz Dladla, usephenduke isibonelo esihle kubantu abasha baseMandeni. Ukuphumelela kwakhe kuvela ekuzinikeleni kwakhe emkhakheni wezolimo, ikakhulukazi emkhakheni weDairy Production. Ngesikhathi efunda, uNksz Dlaldla uvelele kakhulu ezifundweni zakhe waze wahlabana ngezindondo ezimbili ezibalulekile, okuyiPrincipal’s Award kanye neBest in Animal Health, okukhombisa ukuzinikela kwakhe nokusebenza ngokuzimisela.
Abaholi bomkhandlu bagcizelele ukuthi impumelelo yakhe iyisibonelo esiqhakazile sokuthi abantu abasha baseMandeni bangazuza kanjani uma bezimbandakanya ezinhlelweni zikaMasipala. UNksz Dladla ungomunye wabahlomulile ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwabantu abasha eziqhutshwa uMasipala waseMandeni ngokubambisana ne-EDTEA kanye ne-Enterprise iLembe, okuhloswe ngazo ukuvulela abantu abasha amathuba emisebenzi, ukuqeqeshw kanye nokuthuthukisa amakhono.
Abaholi bomphakathi baphinde bagcizelela ukuthi uhambo lwakhe aluyona impumelelo yakhe kuphela, kodwa luyimpumelelo yomphakathi wonke waseMandeni. Lokhu kuvula amathuba okuthi ulwazi azoluthola phesheya lube yinzuzo uma ebuyela ekhaya, lapho kulindeleke ukuthi adlale indima ebalulekile ekuthuthukiseni umkhakha wezolimo kanye nokudala amathuba emisebenzi emphakathini.
UMasipala waseMandeni ufisele uNksz Dladla uhambo oluhle, impumelelo nokubuyela ekhaya egcwele ulwazi namakhono azosiza ukuthuthukisa umphakathi wakule ndawo.
“Hamaba kahle Mgabadeli, uphakanise igama laseMandeni emhlabeni,” kusho abaholi bomkhandlu njengoba bemfisela okuhle kodwa kulolu hambo olubalulekile.
