Isithombe: IMeya seSifunda iLembe uKhansela Thobani Shandu wethule isabelomali sonyaka ka 2026/27. Isithombe sithunyelwe.
Intatheli yeSivubela Intuthuko
IMeya yoMkhandlu weSifunda ILembe, uKhansela uThobani Shandu, wethule isabelomali sika-2026/27 kuya ku-2028/29 e-ILembe House ngoLwesihlanu, mhla zingama-27 kuNdasa 2026, lapho egcizelele khona ukuthi isabelomali sigxile kakhulu ekulungiseni izinkinga zamanzi nezangasese esifundeni.
UShandu uthe ukwethulwa kwesabelomali kuze ngesikhathi izwe libhekene nenkinga enkulu yokuhlinzekwa kwamanzi, okuyinto ethinte nemiphakathi engaphansi kwesiFunda iLembe.
“Lenkinga ayikude nathi e-iLembe. Iyenzeka, siyaziwa futhi iyaphuthuma. Yingakho ngethulwa lesi sabelomali esigxile ekuvikeleni ilungelo lamanzi nezangasese emphakathini,” kusho uShandu.
IMeya iveze ukuthi uMasipala uzobeka phambili ukulungiswa nokwandisa kwengqalasizinda yamanzi, lapho kubekwe khona imali engu-R180.3 million yokwakhiwa kwamanethiwekhi amasha, ukulungiswa kwamapayipi amadala, ukuthuthukiswa kwamadamu okugcina amanzi, kanye nokwakhiwa kwemithombo namabhoholi. Uthe le mali izophinde isetshenziselwe ukuthuthukisa izinhlelo zokubheka ukusebenz kwamanzi ngesikhathi sangempela kanye nokuqinisa ukusebenzisa kweziteshi zamanzi.
“Sibeka phambili ukuzinza nokwandiswa kwezinhlelo zamanzi ukuze siqinisekise ukuthi imiphakathi ithola amanzi aphephile futhi athembekile,” kusho uShandu.
Ngaphandle kwaloku, uMsipala iLembe uzothenga amaloli amanzi amasha abiza u-R17 million ukuze kusizwe imphakathi esalinde ukufakelwa kwamanzi ngokuphelele.
UShandu uphinde wagcizelela ukuthi ezangasese nazo ziyingxenye ebalulekile yebabelomali, lapho kubekwa khona u-R129.7 million wokuthuthukisa izindawo zokuhlanza indle, ukufakwa kwamapayipi amasha, ukulungiswa kweziteshi zamaphampu kanye nokuvuselelwa kwengqalasizanda egugile. Uthe enye imali engu-R44.7 million izosetshenziselwa uhlelo lwezindlu zangasese zomphakathi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
“Ezangasese ziyisithunzi somuntu. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi imphakathi yasemakhaya nayo ithola izinsiza ezisezingeni,” kusho yena.
IMeya iphinde yamemezela ukuthi uhlelo lwezinhlelo zentuthuko luzobiza u-R346,7 million ngo-2026/27, okuyingxenye yokutshalwa kwezimali okungu-R1.1 billion eminyakeni emithathu ezayo. Le mali izosetshenziselwa amaprojekthi amakhulu okuhlanganisa ukuthuthukiswa kokuhlinzekwa kwamanzi eMacambini, Matholamnyama, Ndulinde, Umvoti kanye nezinye izindawo ezifaka iNdwedwe noMaphumulo.
UShandu uthe isabelomali sika-2026/27 silinganiselwe ku-R1.6 billion engenayo kanye no-R1.6 billion yokusetshenziswa kwemali, kanti kulindeleke ukuthi kube nesibalo esincane esisele.
IMeya iphinde yamemezela ukuthi kuzoba nokukhuphuka kwezintela yamanzi nezangasese ngo-13%, kodwa yagcizelela ukuthi uMasipala uzame ukuvikela izakhamuzi ngesikhathi esinzima somnotho
“Asifakanga ukunyuka okugcwele kwezindleko ukuze sivikele abahlali ngesikhathi esinzima,” kusho uShandu.
Mayelana nemindeni ehlwempu, uShandu uveze ukuthi imindeni engu-2,065 isithola amanzi nezangasese mahhala ngaphansi kohlelo lweFree Basic Services, kodwa wathi kusazokwenziwa umzamo wokwandisa lolu hlelo.
“Akumele kube khona umuziongenawo amanzi ngenxa yokuthi awukwazi ukukhokha,” kusho uShandu.
Ephothula inkulumo yakhe, uShandu uthe lesi sabelomali sibhekene ngqo nenkinga yamanzi futhi sihlose ukuqinisa ukuhlinzekwa kwezinsiza emphakathini.
“Amanzi ilungelo lomuntu. Isithunzi ilungelo lomuntu.Ukuhlinzekwa kwezinsiza ilungelo lomuntu,” kuphetha ushandu.
Isabelomali esisalungiswa sizolungiswa sizoshicilelwa ukuze umphakathi unikeze imibono yawo ngaphambili kokuthi samukelwe ngokusemthethweni nguMkhandlu.
