Isithombe: Bahlangane ngazwi linye lokulwa nenkohlakalo. Isithombe sithunyelwe.
INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO
UMKHANKASO wokulwa nenkohlakalo uthole umfutho omusha esiFundeni iLembe ngesikhathi lomkhandlu uhlanganyela ne-Enterprise iLembe kanye noMasipala wakwaDukuza, Mandeni, Ndwedwe kanye nowaKwaMaphumulo emhlanganweni omkhulu wokukhuthaza ubuqotho obubanjelwe eKwaDukuza Town Hall. Lo mcimbi, obuyingxenye yomkhankaso wesifunda wokulwa nenkohlakalo, uhlanganise amakhansela, izikhulu zikahulumeni, abahlinzeki bezinsiza kanye namalungu omphakathi ngenhloso yokuqinisa ukubambisana nokukhuthaza ukusebenza ngobuqotho nokuziphendulela ekulethweni kwezidingo zomphakathi.
Umkhankaso uqale ngokuhambela izindawo zebhizinisi enkabeni yeedolobha laKwaDukuza, lapho abaholi bezingxoxo bexhumene ngqo nabahlali kanye nosomabhizinisi, bekhuluma ngokubaluleka kokulwa nenkohlakalo kanye nomthelela wayo ekuthuthukisweni komphakathi. Phakathi kwezikhulumii ebezikhona, uMniz Bongani Khuzwayo obela eHhovizi likaNdunankulu wesifundazwe ugcizelele ukuthi izikhulu zikahulumeni kumele zihlukanise izindaba zezombusazwe nomsebenzi wokuletha izidingo zomphakathi.
Uveze ukuthi umsebenzi kahulumeni uwukusebenzela umphakathi kuqala, kungakhathaliseki izinkolelo noma ubulungu bezepolitiki. Izikhulumi ezivela kuSALGA kanye moMnyango weKZN Cooperative Government and Traditional Affairs zikhumbuze izikhulu zikahulumeni ukuthi zinesibopho esisemthethweni sokwenqaba imiyalelo engekho emthethweni, zaxwayisa ngokuthi ukungawulandeli lo mgomo kungaholela ekutheni umuntu abhekane nezijeziso ngokwakhe, Phakathi nengxoxo, kuphinde kwavezwa ukuthi inkohlakalo inemiphumela emibi emphakathini, okubalwa ukukhuphuka kwezindleko zamaphrojethi, ukwakhiwa kwengqalazisinda esezingeni eliphansi kanye nokulahleka kwemishini kahulumeni, okugcina ukuthinta ngqo izidingo zabahlali.
UMasipala iLembe uthe uhulumeni uyaqhubeka nokusebenza ngokubambisana nezinhlaka ezifana neSpecial Investingating Unit, uMvikeli Womphakathi kanye noMcwaningimabhuku jikelele ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo abathintekayo enkohlakalweni babhekana nemiphumela yezinyathelo zomthetho. Ekhuluma ngesikhathi somcimbi, uMeya womkhandlu iLembe uKhansela Thobani Shandu uthe lo mkhankaso akuwona nje umcimbi kodwa uyisikhumbuzo esiqinile ukuzibophezela kwabantu bonke ekulweni nenkohlakalo.
UShandu uthe umyalezo othi “I Do Right ” akuwona nje isiqubulo kodwa uyisifungo sokuziphatha okufanele. “Masisebenzeni sonke njengesifunda ukuqinisa ukuzibophezela kwethu. Sikhetha ukusebenza obala, sikhetha ukuziphendulela, futhi sikhetha ikusasa elakhiwe ekuthembekeni. Ubuqotho buqala kimi, ubuqotho buqala kuwe,” kusho uShandu. UMkhandlu ilembe uthe lo mkhankaso uzobe uyingxenye yemizamo eqhubekayo yokwakha uhulumeni osebenza ngobuqhotho, oqinisekisa ngokuthi izinsiza zomphakathi zisetshenziswa ngendlela efanele ukuze kuthuthukiswe izimpilo zabantu esifundeni.
