Isithombe: Isiphehli manzi sizonciphisa ukuntuleka kwamanzi KwaMaphumulo. Isithombe sithunyelwe.
NOKULUNGA NXUMALO
KWETHULWE ngokusemthethweni iphrojekho ye-Maphumulo Water Treatment Workers ku Wadi 8, okulindeleke ukuthi ilethe ushintsho olukhulu ekuphakelweni kwamanzi endaweni yakwaMaphumulo namaphethelo. Kulolu hlelo kutshalwe imali elinganiselwa ku R1.5 billion ngenhloso yokubuyisela isithunzi emphakathini esinesikhathi eside ihlupheka ngokuntuleka kwamanzi.
Ukuthuthukiswa kwalesi siphehli-manzi kulindeleke ukuthi kukhuphule amandla okunikezwa kwamanzi kusuka 7.5 megalitres ngosuku (ML/ngosuku) kuya ku 12 ML/ngosuku. Lentuthuko kulindeleke ukuthi inciphise inkinga yehlelo olwaziwa ngokuthi “Vula vala”, lapho kwezinye izindawo amanzi efika nsukuzonke kanti kwezinye efika kuphela ngemuva kwamaveki amabili.
Umcimbi wokwethulwa kwalolu hlelo uhanjelwe uNgqongqoshe Wezamanzi Nenhlanzeko, uNksz Pemmy Majodina, ehambisana noshampiyoni weaifunda iLembe, uMnuz Sihle Zikalala, kanye noMeya wesifunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu. Kulo mcimbi bekukhona futhi uMeya womkhandlu wakwaMaphumulo, uKhansela Zibuyisile Kkhuzwayo-Dlamini, kanye nabamele ibhodi lenkampani uMngeni-uThukela Water.
Ekhuluma nemiphakathi yaseMaqadini naseMbo, uNgqongqoshe uMajodina uthe ukwethulwa kwalolu hlelo kuze ngesikhathi iNingizimu Afrika ibungaza inyanga yamalungelo abantu kanye ne National Water Month, okukhumbuza izakhamuzi ukuthi ukuthola amanzi ahlanzekile kuyilungelo lomntu eliyisiselelo.
Uphinde waveza ukuthi isifunda iLembe sihlanganise izinhlelo zaso nombono kahulumeni owethulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa enkulumweni yakhe yonyaka, lapho kubekwe khona imali engango R156 billion ukuxazulula izinselelo zamanzi ezweni lonke. Kulindeleke ukuthi esikhathini esizayo amandla okunikezwa kwamanzi kule ndawo akhuphuke kusuke ku 12ML/ngosuku aye ku 21 ML/ngosuku. UMeya uKhuzwayo-Dlamini unxuse imiphakathi ukuthi inakekele ingqalasizinda kahulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi amanzi ayafelela kubantu ngendlela efanele.
