Isithombe: Abesifazane abathole uxhaso kuMasipala
INTATHELI YESIVUBELO INTUTHUKO
UMASIPALA waseMandeni, ngaphansi kophiko lwe Women’s Causus, uqhubekile nokweseka ukuthuthukiswa kosomabhizinisi besifazane ngokubanikeza amathuluzi okusebenza kanye nolwazi lokukhulisa amabhizinisi abo. Lo mcimbi wokuxhasa osomabhizinisi besifazane ububanjelwe eSibusisiwe Hall eMandeni, lapho abesifazane abenza amabhizinisi amancane emphakathini bethole khona usizo oluzobasiza ekuthuthukiseni imisebenzi yabo yokuziphilisa.
Phakathi kwezinsiza ezinikezwe laba zomabhizinisi kubalwa imishini yokugunda utshani, izitofu zokupheka, amabhodwe kanye neminye imishini ebalulekile yokusebenza. Ngaphandle kwalokho, abesifazane abebehambele lo mcimbi baphinde bahlonyiswa ngolwazi lokuthi bangawaphatha kanjani amabhizinisi abo ukuze akhule futhi aqine emakethe.
LoMasipala uthi lolu hlelo luhlose ukukhuthaza ukuzimela kwabesifazane ngokubasiza ukuthi bazakhele amathuba emisebenzi futhi bakwazi ukweseka imindeni yabo. Lolu xhaso luphinde lube yingxenye yemizamo kahulumeni wasekhaya yokuthuthukisa umnotho wendawo ngokweseka amabhizinisi amancane naphakathi.
Abaholi boPhiko lweWomen’s Caucus bathi bazoqhubeka nokweseka nokukhuthaza abesifazane ukuthi bangene emabhizinisini ahlukahlukene, njengoba lokhu kudlala indima enkulu ekuthuthukiseni imindeni kanye nokukhulisa umnotho wendawo.
