Isithombe: Izingane nabathandi bezemidlalo bejabulela imidlalo ehlukahlukene. Isithombe sithunyelwe.
INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO
BAPHUME ngobuningi babo abathandi bezemidlalo ikakkkhulukazi izingane, ngesikhathi kuqala umkhosi wezokungcebeleka (Recreation Festival) eNtuzuma, kuWadi 42, lapho amalungu omphakathi ehlangene khona ukuzobamba iqhaza kwezemidlalo ezihlukahlukene.
Loluhlelo belubanjelwe eNtuzuma Sport Complex, lapho izakhamuzi zendawo zithole khona ithuba lokujabulela imidlalo ehlukene efana nebhola likanobhutshuzwayo, ibasketball kanye ne-table tennis, kanye neminye imidlalo yokuzivocavoca. Lokhu kuyinhloso yokukhuthaza amalungu omphakathi, ikakhulukazi intsha nezingane, ukuthi azibandakanye kakhulu kwezemidlalo ukuze ahlale enempilo futhi agweme izifo kanye nezinto ezingezinhle emphakathini.
INtuzuma ingelinye lamalokishi angaphansi kwedolobha laseThekwini futhi inabantu abaningi abasha, okuyenza ibe yindawo efanele ukuhlelwa kwemisebenzi ekhuthaza intsha ukuthi ibambe iqhaza kwezemidlalo nasemisebenzini yokuzithuthukisa. Abaholi bomphakathi bathi imicimbi efana neRecreation Festival ibalulekile ngoba ivula amathuba okuthi izingane nentsha zifunde ngokubaluleka kokuzivocavoca, ukubambisana kanye nokwakha ubudlelwano phakathi kwamalungu omphakathi. Bathi futhi izinhlelo ezikanjena zosoza ekuthuthukeseni ithalente lezemidlalo emphakathini, futhi zikhuthaza abantu ukuthi basebenzise izikhungo zomphakathi ezifana nezinkundla zemidlalo ngendlela eyakhayo.
