Intatheli yeSivubela Intuthuko
Ngenxa yokukhathazeka ngokunyuka kwezinga lobugebengu, eNtshawini kwezidakamizwa, kanye nodlame entsheni yakwaDukuza, uMasipala ube nembizo lapho kudingidwa khona izisombululo zokulwa nalesihlava.
Lombuthano ububanjelwe ehholo lomphakathi iChris Hani, eNtshawini. Phakathi kwezinto ebeziseqhulwini kubalwe izindawo eseziphenduke izidleke zobugebengu, ukusebenza ngokubambisana kwezinhlaka ezahlukene okubalwa umphakathi, amaphoyisa kanye noMasipala.
Lembizo ibuye yadlala indima enkulu ekuqinisenii ubudlelwano phakathi kwezinhlaka ebezikhona njengoba bonke bebevumelana ngazwi linye ukuthi ziyadingeka izixazululo ukulwa nibugebengu.
Ezinkulimweni zosuku, obekhulumela uphiko lwamaphoyisa iCalonelXaba unxuse umphakathi ukuthi uqaphe kakhulu njengoba izindlela zobugebengu zishintsha. Ugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi komphakathi namaphoyisa ukuze kunqandwe ubugebengu kusenesikhathi.
Umhlaziya wezobugebengu, uMnuz Ayanda Mdletshe, wethule izibalo ezikhombisa ukuxhumana phakathi kokungasebenzi, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, kanye notshwala, nokwanda kodlame emphakathini. Ugcizelele isidingo sokwandisa izinhlelo eziqondiswe entsheni ukuze kuvinjwe ukungena kwentsha ebungebengwini.
UNksz Sinamile Mdletshe ovela eKZN Liquor Board uchaze imithetho eqinile yokuthola izimvume zotshwala, amahora okuvala, kanye nobungozi bezindawo ezingabhalisiwe. Ugcizelele ukubaluleka kokulandela umthetho kanye nokubamba iqhaza komphakathi, waphinde wagcizelela ukubaluleka kokusobala ekunikezeni izimvume kanye nesidingo sokuthi izitolozotshwala zibambe iqhaza ezinhlelweni zokuzibophezela emphakathini.
UDokotela Zungu we-Community Policing Forum (CPF) uxwayiso ngokwanda kodlame entsheni, izibhamu ezingekho emthethweni, ukungena kwabantu abangafanele ezinhlelweni zikahulimeni, kanye namaqhembu obugebengu asebenza asenajele. Ugcizelele isidingo sokubekwa icala kwabenza okubi, ukuqiniswa kwamaphoyisa, kanye nokuphaphama komphakathi ukuze kuphazamiseke lezi zinhlangano eziqinile zobugebengu.
Superintendent Ntshangase obela kuMasipala wakwaDukuza emnyangweni wezokuPhepha koMphakathi ubeze izinhlelo ze-CPF ezikoleni ezibhekene nezidakamizwa, ukuhlukunyezwa kwabafundi, kanye nokuphepha kwezokuthutha zabafunfi. Uphinde waveza ukuthi amakhamera akuqapha ayasiza ekwehliseni ubugebengu, wathi kukhona uhlelo lokwandisa lezi zinsiza zisebenza amahora angama-24.
UNkk Nzuza ovela kwaChild Protection Services uhlabe ikhwele lokuvikelwa kwezingane, abantu abadala, kanye nabantu abahlikunyezwayo. Ugcizelele ukubaluleka kwezindawo zokukhosela kanye nokuqwashisa umphakathi ngokuvimbela ukuhlukunyezwa nokuxhashazwa. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ube nezindawo eziphephile futhi uhloniphe abantu abasengozini.
UMnuz Sam Zwane woMnyango Wezokuxhumana Nomphakathi ugcizelele ukubhekwa kwamaphoyisa, eqinisekisa ukuthi amaphoyisa asebenzela umphakathi, alandelela amacala, futhi aphathe amadokhethi ngendlela efanele. Ugcizelele ukuthi ukubekwa icala nokuziphendulela kuyisisekelo sokwakha ukwethenjwa komphakathi.
UKhansela Ndlovu waMkhandlu wakwaDukuza uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kokuzibulala kwentsha, ukuhlukunyezwa ezikolweni, ukugqekezwa kwezikole, kanye nokungaphephi kwezokuthutha zabafundi. Unxuse ukuthu kube nokungenelela ngokushesha kanye nokubambisana okuqinile komphakathi ezikoleni.
UMnuz Brett Moran, uSihlalo weDOCRRA Safety and Security Committee, ugcizelele ukubalileka kokuthi izakhamuzi zikhokhe izintela ukuze kugcinwe izinsiza ezifana nezibani zomgwaqo zisebenza .Uphinde waziza uMasipala ukuthi uziphendulele ngokuthi kungani izibani zomgwaqo nezokulawula izimoto zisalimele naphezu kokuthi izakhamuzi ziyakhokha.
IMeya uGumede ivumile ubunzima kanye nokuphuthuma kwezinkinga eziphakanyisiwe, yabonga izikhulumi nomphakathi ngokubamba iqhaza. Iqinisekise ukuthi kuzohlinzekwa inkundla ekhethekile yokuphendula imibuzo nezinkinga ezivezwe ngesikhathi sembizo, igcizelela ukuzibophezela kukaMasipala ekebekweni obala, ekuziphenduleleni, nasekuqhubekeni nokuxoxisana nomphakathi.
Umhlangano uphele ngokuthi umphakathi, amaphoyisa, nohulumeni basebenze ngokubambisana ukuze kwakhiwe iKwaDukuza ephephile, nalapho izakhamuzi zinokwethemba ezinsizeni zomphakathi.
