Isithombe: Izakhamuzi zibe ingxenye yokwethulwa kombiko wezimali ngaphansi kwesiFunda iLembe. Isithombe sithunyelwe.
INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO
UMASIPALA weSifunda iLembe, ngaphansi kwekomidi le Municipal Public Accounts Commitee (MPAC), ubambe umhlangano obalulekile namalungu anakomidi amawadi nabanye ababambe iqhaza ehholo ledolobha KwaDukuza. Lo mhlangano ubumayelana nombiko wezimali wonyaka wezi-2024/2025, ngenhloso yokwazisa umphakathi nokwenza izakhamuzi zibe yingxenye yokwenzekayo kuloMkhandlu. USomlomo woMkhandlu, uKhansela uDolly Shandu, uphawule ukuthi nakuba uMbiko wonyaka “uyincwadi ewugqinsi,” uyithuluzi elibalulekile lokulola umsebenzi owenziwa uma uqhathaniswa nohlelo lwentuthuko oludidiyelwe (IDP). USihlalo we-MPAC, uKhansela Jennifer Vallen, ugcizelele ukuthi ukubamba lomhlangano akukhona nje ukugcina umthetho, kodwa kuqinisekisa ukuthi izakhamuzi azibukeli nje kodwa ziyingxenye yokuphatha
IMeya yesiFunda, uKhansela Thobani Shandu, yethule kafushane isimo soMasipala maqondana nemisebenzi eyenziwe, isimo sezimali, kanye nemiphumela evela kuMhloli-Zimali Jikelele (AG). Okokuqala, okube impumelelo, ngokusho kukaMeya Shandu kube umphumela woMcwaningi-mabhuku (Unqualified Audit Opinion) ubonisa isinyathelo esihle ekusetshenzweni kwezimali obala.
“ingqalazisinda iphothulwe kahle, kuhlanganise nezindlu zangasese (VIP toilets) eMandeni, KwaMaphumulo naseNdwedwe, kanye nokuphothulwa ngo-100% kwezinhlelo zamanzi eMacambini (Phase 5C) naseSonkombo. Ukukhula komnotho kuvelele ezinhlelweni zentuthuko ezinkulu ezifana ne-Club Med ne-Nonoti Beach, nokusekelwe kwamabhizinisi asafufusa (SMMEs) nge-Enterprise iLembe,” kubika uMeya Shandu.
Umhloli-Zimali ubalule ukulahleka kwamanzi okungafinyelela ku-41% ngenxa yengqalasizinda esindala kanye nokuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho. Isisombululo sifaka phakathi umkhankaso we-“Thuma mina” wokuxhuma abantu ngokusemthethweni, uhlelo olukhulu lokushintshwa kwamapayipi, kanye nohlelo olusha lwe-telemetric lokunqanda ukuphuphuma kwamadamu amanzi (reservoirs).
Ukuqoqwa kwezimali kuku-47%, okubhekwe ukuthuthukisa kuze kube ngcono. Lomhlangano ukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala iLembe ekukhuthazeni ukubambisana nomphakathi, ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ziyakwazi ukulandela nokuhlola indlela imali nezinsiza ezisetshenziswa ngayo nokwenza umphakathi ube yingxenye yokuphatha ngokuqondile.
